Ukuthula Kweqiniso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 26:3,4 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe .Thembani kuJehova kuze kube phakade ,yebo,uJehova ulidwala elingunaphakade.
Ukuthula yinto sonke esiyifuna empilweni yethu.Impilo enganingcindezi nokukhameka .Impilo ekhululekile ezinselelweni nasezisabisweni.Impilo ekhululekile ongqubuzanweni nasekukhashelweni.Awu impela phela ngabe ibambe ngakho masikuleyompilo .Ukuthula .
Kodwa impilo ayihlali ihamba ngaleyondlela ,kuyenzeka? Kunezingcindezi ,nokukhameka ,izimpi ,izesabiso okubiza ulwisane nazo .Futhi okuthi ngakolunye uhlangothi siyazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othembekile ,kodwa ngibona kuyiqiniso ukuthi mase kuvunguza sehlelwa ngukukhohlwa lokho imvamisa.Awuvumelani nami kulokho?
Isaya 26:3,4 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe .Thembani kuJehova kuze kube phakade ,yebo,uJehova ulidwala elingunaphakade.
Ngingabuza ukuthi ,uma izinto seziqina ,uyancika kuNkulunkulu? Uyema ngaYe ? Uyamethemba ngokwezinga lokuthi wazi ngokungananazi kwinjula yengaphakathi lakho ukuthi ,nebala uthembekile kuwe ?
Kuzwakala kungelula ,ukuthembela kuYe kulezokhathi zezivunguvungu ,ukwencika kuYe ,angithi? Kodwa yilokho kanye afuna sikwenze njengokuba namuphi na ubaba engafuna ukuba ingane yakhe yenze njalo .Ngifuna izingane zami zihlale zazi ukuthi zingakwazi ukuza kimi ,noma kunini noma kwenzekani ngiyohlala ngizivulele izandla .Kuwe kunjani?
Futhi uma sithembela kuNkulunkulu ,nasi isithembiso esiseZwini laKhe :Uyosipha ukuthula kweqiniso .Uma sincika kuNkulunkulu kulezozimo ezinzima ,uyosinika indawo yokuphephela ingunaphakade .
Ukuthula kweqiniso ,siphephe ingunaphakade kuYe ngoba kwindikimba yengaphakathi lethu simethembile Yena .Ukuthula nokuphepha phakathi nayo impela impi .Yisona sibusiso empilweni yakho namhlanje .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..