Ukuzenzisa Kweqe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 62:3,4 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango olidilikayo na? Yebo bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa .
Kuningi ukuzenzisa okukhona ezimpilweni zabantu kulezinsuku,emhlabeni ,mhlawumbe ngisho nasezimpilweni zethu Kubantu sisho okuhle ngabanye abantu ,kodwa masesikhosombeni siyabaqalekisa .
Manje mawuthi nhla ubone noma uzwe lamagama ,azwakala elumela sengathi alahlana ngecala .Kodwa ake ucabange mumva le la kukhona umuntu owakuchuluza .Ngakube wenza sengathi konke kuhamba kahle kubantu ,kodwa masuwedwa wawumshwabulela ? Ngakube wamoyizela ebusweni babo,kodwa ngaphakathi lalihwaqwabele izulu enhliziyweni?
INkosi uDavide yayivamisile ukuba yisisulu salolohlobo lokuziphatha . Yebo ,nebala iNkosi uSawuli eyahlala eShlalweni phambi kwakhe yazama ngisho ukumbulala.
Yebo nebala amasosha ayemcinga efuna ukumhlasela la ekhona engakabi yinkosi. Kodwa izitha zakhe ezedlulele kwaba yilezo kanye zasesiGodlweni ngaphakathi eNdlunkulu ngisho amadodana akhe imbala awazala ihh! Nakhu ukuzidla kwakhe ngalezozitha :
Amahubo 62:3,4 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango olidilikayo na? Yebo bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa .
Kuningi ukuzenzisa okukhona okuqhubekayo ezinhliziyweni nasezimpilweni zabantu abazibiza ngabakaNkulunkulu; abantu abathi uJesu unguMsindisi wabo ,abahle ngaphandle kodwa ngaphakathi bamnyama nsuce .
Sihlobo sami ngingakumemela ekutheni akuzihlole nawe injani inhliziyo yakho ,ukuyibhekisise izingoxi zayo . Ubani osuke waqamba amanga ngaye emphakathini? Ubani osho izinto ezimnandi uma unabantu kodwa mase uwedwa uyisishiphi somzondo ngendlela omenyanya ngakhona ? Sekuyisikhathi ubophe amatomu manje sihlobo sami .Yima nsee ukuyeke ukuzenzisa .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..