Ukuziphilela Unganaki – Umthandazo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 14:6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Uma ukhuleka ,ukhuleka kubani ? Kungabukeka kungumbuzo onhlanhlathayo ,kodwa lokho esicabanga ukuthi uNkulunkulu uyikho,lokho kungubumqoka obukhulu.Singaya kuNkulunkulu ngendlela eyiyo ,kumbe okungeyona .Ungubani uNkulunkulu kuwe?
Umkhuleko uyinto emangazayo.Uhlololuvo oluningi lukhombisa ukuthi abantu abangu 70% bayathandaza okungenani kanye ngenyanga .Lokho kukhombisa ukuthi sebeke baya kuNkulunkulu- noma ngabe uNkulunkulu ungubani kubo – futhi ukhulumile kubo.
Kodwa ezikhathini eziningi ,iningi lethu ,siye sivese sidlule nje kuwona .Siziphilela lempilo yethu ngokwethu bese kuthi makuvuka izinto sivese sigijimele edolweni lomkhuleko.
Kodwa uJesu wenza i-claim enamandla .Wathi :
NgokukaJohane 14:6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Hle hle uJesu nguYe osho lokhu .Baningi onkulunkulu abantu ababakhonzayo ,kungaba ngamazwi noma bengaqondile,kodwa uyedwa phaqa uNkulunkulu
ophilayo,uYise oseZulwini.Futhi akekho ongeza kuBaba ,akekho ngisho oyedwa ngaphandle kokuba akholwe nguYe ,abeke ithemba lakhe kuYe ,uJesu uqobo.
Phela mina uyazi ukuthi ngangiye ngicabange ukuthi lento yokuthi ‘iyodwa phaqa indlela’,ingumcabango webandla elithile elikhulu ngoba lizibona selizinzile kakhulu linamalunga amaningi seliziqhosha ngalokho.
Kodwa ekugcineni kwagcina kungicacele ukuthi kwashiwo nguJesu uqobo.LowoJesu kanye owahlupheka kanzima,owafa kulesosiphambano ngami nawe .Kuliqiniso leli alimela ngokunikela ngempilo yaKhe uqobo .
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.. – UJESU Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..