... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwahlukaniswa Ngokungcweliswa 101

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseThesalonikha 4:3-6 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa

Listen to the radio broadcast of

Ukwahlukaniswa Ngokungcweliswa 101


Download audio file

Ukuhlanza zonke izenzo zakho ,noma ngabe yiziphi empilweni yakho obonayo zidinga ukuhlanzwa ,akulula kunzima .Lezonjwayezo zifa kanzima .Zibukeka zifuna ukunamathela kuwe  qede zikudonsele phansi .Mhlawumbe ngabe yimi ngedwa yini oye ezwe lokho ?  

Lowomsebenzi wokuhlanza izenzo zakho yilokho abafundisi abakubiza  ‘ngokungcweliswa’.Futhi othandweni lwakhe olukhulu yilokho kanye uNkulunkulu asibizela ukukwenza:

1 KwabaseThesalonikha  4:3-6 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni  ukuba yilowo nalowo

kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko

njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.

Yisixwayiso esiqinile lesi nebala ;esikhuluma ngqo ngomoya wethu wokunqekuzela izono zethu ngekhanda qede sizifihle ngaphansi kuka  carpert .

Ungalenzi iphutha –uNkulunkulu izono zethu uzithatha ngoku serious kakhulu ,ngangokuthi wathumela uJesu ukuzofa esiphambanweni ukukhokha inani elalifunwa ngubulungiswa bakhe .Kholwa nguye qede izono zakho zithethelelwe ngokuphelele .

Manje futhi uNkulunkulu usekubizela empilweni entsha .Ufuna ukukhulula emiphumeleni yezono zakho.Futhi manje uNkulunkulu usekubizela empilweni entsha .

Ufuna ukukhulula emiphumeleni yezono zakho  ngokukuhlanza zonke izenzo zakho .Futhi akuyona into le okumele uyenze wena ngokwakho ,ngoba uthumele uMoya wakhe –uMoya oNgcwele –ukuhlala ngaphakathi kuwe ,ukukunika amandla ,ukukwenza ube gcwele .

Ngakho ngokuzayo mhla ulingwa ukuzithatha kancane izono zakho , Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.