Ukwanda
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izenzo 9:31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Ngokwezokusakaza iBandla liyinto efayo.Lokho okwenza bande ababetha imitshingo betshiyoza yinjabulo .Kodwa ezokusakaza ezingakuchumisi ngukuthi iBandla lihlabela phambili emagumbini amaningi omhlaba futhi liyanda .
Ngakho ucabangani? Ngakube uthokozile ukubona abantu abaningi beba ngaMaKhrestu ,kumbe mhlawumbe ukubuka njengokuwayinda iwashi elisibuyisela ezinsukwini zakudala eziphuphile ?
Noma ngabe ukuluphi uhlangothi ,kodwa yazi lokhu : izibhedlela ,amakhaya ezintandane ,yizikole ,izikhungo zemfundo ephakeme ,ukunakekwelwa kwabampofu nabadeliwe zizinda lezo ezaqalwa ngaMaKhrestu emhlabeni wonke ;umlandu ungubufakazi obuqanda ikhanda .
Inkinga ngukuthi kumukhulunyaka futhi aMaKhrestu abile nakho ukuziphatha kabi .Ungacwaninga izigaba ezehlukahlukene zomlandu kunotho ozoluthola oluhlazisa ubuKhrestu eBandleni !
Nakulezinsuku kunokukhwabaniswa kwezimali ukuhlukunyezwa kwezingane okwenzeka ngaphakathi eBandleni –into eyenza ubuze ukuthi unembeza !
Kodwa noma kunjalo iBandla kuningi okuhle eliqhubekile likwenza namanje lisakwenza nakuba okuningi kwakho akukhulunywa ngakho .
Ngakho yini le eyenza elinye ibandla likhule nkashana elinye limi ndawonye ? Nakhu la okukhona ,sibuke lendima izolo :
Izenzo 9:31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Ngokwanamhlanje ,abaningi bangathi kwabe kunemvuselelo eBandleni .Yini le eyenza landa ? Yebo indaba babephila benokuthula ,banika uNkulunkulu indawo yakhe bamlalela ,ngakho babusiseka ngoMoya oNgcwele wabanika amandla .
Kubukeka sengathi imvuselelo iyaqala iqhume uma abantu beqala belalela iZwi likaNkulunkulu !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.