Ukwenza Izaba Zesikhashana
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 5:38-42 Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocelakuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
Uma uhlangana nomuntu omubi empilweni yakho – lesasithithi sesiphukuphuku esingazazi siyiliphi ingempela ,futhi okungasoze kwasa kuso — ubhekana kanjani nalowomuntu? Ngakube ukwenza ukhule okholweni lwakho kumbe kuvese kwehle igeji yalo?
Noma ngabe siyakubona lokhu noma qha kodwa si-programmed ukuthakasela ukududuzeka sibe ntofontofo.Senziwe ngosomaqhinga bezomnotho ukusebenza kanzima sihole imali ,siyisebenzise kithi kuphela,futhi ezintweni zonke ezingubukhazikhazi ukuze impilo yethu ibe ngcono .
Lesosimo sokuba conditioned kanjalo sisenza singakwazi ukubhekana nento esihlukumezayo.Angithi phela sesenziwe ukuba sihlale sizizwa sisebuhleni bobumnandi.Singo –‘derseve the best’ –sifanelwe ngokuhle kakhulu.Kodwa inkinga impilo ayinjalo.Sibhekana nabantu abayizidlabuladlwedlwe ,abanamathika ,abanenkani abangacabangelani ,abangenandaba nje nomunye umuntu ,bese kuthi ngenxa yalomoya wokuthi sizizwe si –entittled ekuphathweni kahle sivese
singenwe wumoya wokuzithethelela ukuba ngabandikindiki abangaziqondi bakuliphi izinga .
Ngimnikeze ngimnikezeleni! Babo kungani ukuthi angiphathe ngalendlela !?
Kodwa manje bekunganjani mangase lababantu besihlupha benjalo ,besingakusebenzisa lokhu kusihlupha kwabo bese sikwazi ukukhuphuka ilata ngabakwenza kithi ?
NgokukaMathewu 5:38-42 Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocelakuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
Ngakho umbuzo usekutheni yikuphi okuzoba yikhona ? Ukuba ndidkindiki ,kumbe ukuzelulela ebangeni eliphakeme?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..