Ukwesaba Ukungamukelwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 12:42,43 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni; ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
Ukuphambana nezihambayo ,wenze okuhlukile emndenini wakho ,abangani ,nomphakathi ,wehluke nje kubo kuyinto engelula leyo .Yingakho abantu abaningi bengakwenzi .
Nakuba namhlanje kuyinto evelele ukuthi umuntu avese enze okwehlukile kodwa kube ngukuthi wenza okuhlukile kokuhle yena abe ngujojo-nhliziyo-ngiyise -nyawo ngibelethe ,nakuba kunjalo kodwa kuza nenani nakho ngokwakho .
U-William Tyndale washiswa ngo 1536 ngenxa nje yokutolika iBhayibheli kwisiLatin eliyisa esiNgisini .Ngo 1972 umvangeli waseChina u- Watchman Nee wafela ukholo ngenxa yokutshela abantu ngoJesu .Kahle hle maningi amaKhrestu abulawelwe ukholo kulamakhulunyaka ,mumva nje.
Kuyohlale njalo kunenani olikhokhayo ukungahambisani nabanye abantu .Kahle hle uJesu wathi …
NgokukaJohane 12:42,43 … Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni; ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
Futhi kuyilokho kanye ,akunjalo? Ukucabanga kakhulu ukuthi bathini abanye esikhundleni sokulandela izinhliziyo zethu ukulandela uJesu ,umgwaqo olula yilo ovulekile ohanjwa yiningi esivele singene kuwo nathi .Ukukholwa ngasese kumbe ukuvese siqhele ngokuphelele kuNkulunkulu .
Yebo ,ngiyaqonda baningi emhlabeni abanganakho ukukhetha okunye kodwa abaphoqelekile ukukholwa esithe .Kodwa kwiningi lethu uma simyeka uJesu ngenxa yokuthi abanye bazocabangani ngalokho ,lokho kungenxa phaqa yokuthi sithanda udumo lwabantu nokunethezeka okwesikhashana ,phezu kwenkazimulo nodumo oluvela kuNkulunkulu oluhlala ingunaphakade naphakade .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.