Uma Umungabona I-suitcase lami
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseGalathiya 6:17 Mangingabengisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
Angicabangi ukhona oyedwa ongenazibazi emphufumulweni wakhe ,ngezinto esabhekana nazo phambilini .Impilo injalo nje .Manje ,yini eyenza abantu abaningi babe namahloni ngezibazi abanazo?
Esikhathini esingaphezu konyaka nohhafu ,i-suitcase yami engiyikhonzile ,esebenza kakhulu ,ichithe isikhathi sayo ihleli phansi kwi wardrobe .Nakanjani phela ngenxa yayo yonke lento ye –COVID 19 ,kube kuncane ukwehla wenyuka nezindlela zomsebenzi.
Kodwa noma lithe shuthe kwi –wardobe phansi laphaya ,ligcwele lezo ticker abazifaka ezikhumulweni zamabhanoyi .linezibazi nezitishi ,amasondo alo asefakwe kaningi kodwa khona linjalo liyisosha elingakhathali .
Ngiyazithandela le –suitcase yami endala,selingiphathe kahle kakhulu kuyo leminyaka eminingi ,into ngempela efakazelwa yizo lezo ticker ezigcwele yonke indawo nezibazi nezi cratch ,yizo ezikufakazelayo lokho .
Umphostolo Phawuli naye wayenjalo kaninginingi.Lendoda yabhekana nokushawa kaningi ,ukuboshwa ,ukujanyelwa ngumkhumbi olwandle ,amatulo okuyiswa kwagoqanyawo .Ake ulalele nakhu akushoyo :
KwabaseGalathiya 6:17 Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
Ngamanye amazwi lezobazi zimi zingofakazi kwaphume kukho ngenxa kaNkulunkulu .Uyazisebenzisa ,ukhuluma ngazo njengobufakazi phambi kwabantu abazama ukumnika isikhathi esinzima .
Ngilalele .Izibazi ezisemphefumulweni wakho ,ziyingxenye yokuthi wena ungubani .Zifakaza ngodlule kukho .Futhi izibazi zikhuluma ngokusinda nokuphiliswa owaphiliswa kukhona .Uma ngigajwa wukuthanda isudukesi lami elidala elingiphathe kahle ,ake ucabange ,ucabange nje uthando uNkulunkulu analo analo ngawe …ngezibazi zonke zikhona .
Lezozibazi zinhle phambi kwamehlo akhe .Lezozibazi emphefumulweni wakho zikhombisa ukuthi ungokaJesu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..