... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I- Charlie-Gibbs Fracture Zone

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 34:17,18 Labo bayakhala ,uJehova uyezwa : uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo .UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

Listen to the radio broadcast of

I- Charlie-Gibbs Fracture Zone


Download audio file

Sewake wezwa ngendawo ewuhlangano manzi olwandle ngokunamandla, enemvelo eyehlukile futhi evikelwe ngokomhlaba .Lendawo isemathumbini olwandle  i-North Atlantic ihamba ibanga elide elingango 2 500 KM  isuka kude le e-Newfoundland e  Canada iya eNingizimu-Ntshonalanga e – Ireland. Yisimangaliso sendalo leso esibizwa ngokuthi yi -Charlie-Gibbs Fracture Zone.

Manje ngale kuka -size walendawo enkulu ,ayizange yaziwe kwaze kwaba ko 1960 ngoba ihamba ishone phansi kakhulu ;phakathi kuka  700 no  4,500 metres phansi olwandle .Inomnyakazo omkhulu kakhulu ,okuchaza ukuthi kunokundindizela komhlaba okuningi ,izikhathi ngezikhathi ,kuqhumbuke udaka olusuka phansi . 

Baningi abantu abanezilonda ezivulekile emphufumulweni yabo,izilonda ezinkulu ,izilonda ezibashaya okusengathi ngukuzamazama komhlaba ,eziqhumbuze impushuphushu yodaka lokulimala nokububula kwangaphakathi. 

Ungqubuzano lwendawo engalawuleki ,olwenzeka ngaphakathi  luphethe kanzima izimpilo zabantu abaningi .Izinhliziyo zabo ziphukile .Bazizwa bechobozekile emoyeni .Bezwa ubuhlungu obunkenketha ngokungachazeki ngangokuthi abazi bangubumisa kanjani lobuhlungu .

Uma kungukuthi ukuleyondawo namhlanje ,kumbe wazi umuntu okulezinhlungu ,ngakho namhlanje ngifuna ukukuqinisa ngikukhuthaze ukubamba iZwi likaNkulunkulu njengokulisho kwaKhe . 

Amahubo  34:17,18 Labo bayakhala ,uJehova uyezwa : uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo .UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

Lakhona  kungabonakali lutho olungasiza ,lakhona kubukeka sengathi engekho ongakwazi ukugudluza lezonhlungu  ozizwayo,khala kuNkulunkulu .Uyakuzwa .Uyokusindisa .Sikwazi kanjani lokho ? Singanesiqinisekiso kanjani??

Ngoba iZwi likaNkulunkulu alisoze lahluleka .Akasoze ehlulwa wukuphila lokhu akwethembisile .Futhi ngesikhathi usazama ukuzindla kabanzi ngalamaphuzu aliqiniso ,ukuzo kanye lezonhlungu enhliziyweni ,phinda ulalele.Lifake enhliziyweni iZwi laKhe  : 

UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..