UMalusi Omuhle
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 19:9,10 UJesu wathi kuye : ‘Namuhla insindiso ifikile kulendlu ,lokhu naye eyindodana ka Abhrahamu.Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo’.
Umbuzo : Ngakube uJesu weza kulomhlaba ngenxa yakho? Kumbe mhlawumbe unomuzwa othi baningi abafanelwe ukuthi wezela bona anesikhathi nabo,nokuzinikela kwakhe kubo kunawe? Ngitshele sihlobo ,ngakube uJesu uzele wena ?
Umsebenzi omkhulu womalusi wezimvu wukuzigcina ziphephile nokuqiniseka ukuthi zinokudla namanzi anele.Kuwo wonke lamakhulu ngamakhulu eminyaka yilona luhlahlo lomsebenzi wakhe lolu [job description].
Into emangazayo ,yile yokuthi wayefaka impilo yakhe kwi- risk ukuze asindise eyodwa nje enomdumakhanda ze ingadwengulwa yizilwane zentaba,kumbe abaphangi ,kwesinye isikhathi nalakhona iwele kabi eweni bese kudinga ayigcobe ayelaphe.Kunzima kithi ukukuqonda lokhu ,kodwa selokhu uluntu lwaba khona lwaqala ukwelusa izimvu ,yiwona msebenzi lo womelusi wezimvu.Ngakho umelusi omuhle yilo osuke ekulungele ukwendlala phansi impilo yakhe ngenxa yezimvu zakhe.
Lusuku lumbe uJesu wayesesidlweni enezoni eziningi emzini ka-Zakewu ,umqoqi wentela .
NgokukaLukha 19:9,10 UJesu wathi kuye : ‘Namuhla insindiso ifikile kulendlu ,lokhu naye eyindodana ka Abhrahamu.Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo’.
Ukhombisa lapha lesisenzo somalusi omuhle ophumayo qede athole imvu elahlekileyo.Abantu babengamlindele ukwenza lokho.Bamgxeka ngokuhlala nezoni.
Futhi kunzima nakithi ukukuqonda lokho ,kodwa yikho kanye uJesu aqhubeka ekwenza iminyaka ngeminyaka.Usekulokho nje.
Angikaze ngizicabange ‘ngingolahlekile’ ,lokho kwakungihlubula emoyeni.Kodwa ndlelana thizeni ,ekujuleni komoya wami ngangikwazi lokho .Sonke siyakwenza lokho ,wukuthi nje asifuni ukukuvuma.
iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo’.UJESU . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..