Umangaliso Loguquguquko
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu ,okuhle nokuthandekayo nokupheleleyo .
Nginesiqiniseko ukuthi njengathi sonke ,nawe unotho othanda ukuluguqula .
Ungathanda ukuba ngumuntu ongcono kwingxenye ethile ,kumbe kulesisimo esithile .Futhi njengabo bonke abanye ,uzamile kodwa kwangaphumeleleka kumbe kwangaba yiloluguquko obulubhekile ngqo .
Izimvemvane zinambuzane ezihlaba umxhwele . Ziyizinhlobo ezingaphezu kuka 18,000 emhlabeni wonke zonke ngokuhlukahlukana kwemibala yazo ,ukuma nobukhulu .
Ezinye zazo ziluhlobo lwezimvemvene ezihamba amabanga amade ezingasuka eNingizimu Afrika ziye eZimbabwe ,Mozambique ziphinde futhi zibuye ngonyaka ozayo ,zihambe ama mayela ayizinkulungwane .Ezinye ziluhlobo oluphila nje amasonto ambalwa .
Kodwa zonke zinotho olulodwa olufanayo .Zonke ziqala impilo ziyiziqubuqubu ,eziba soguquguqukweni oluyisimanga olwenzeka kulelogobolongo leziqubuqubu ezivaleleke kulona .Lokhu kuwukwenzeka okumele uguquko olukhulu empilweni olwenzeka ngalezilwanyana . Futhi loluhlobo loguquko yilolokanye uNkulunkulu analo olukubhekekile kuwe .
KwabaseRoma 12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu ,okuhle nokuthandekayo nokupheleleyo .
UNkulunkulu akushoyo la ngukuthi uma sizama ukuziguqula thina ,akusebenzi akwenzeki.Sigcina sifana nawo wonke omunye umuntu .Kodwa uma simvumela asiguqule ngaphakathi (umsuka wegama lesi- Greek elisebenze lapha yileli elithi – metamorphosis) ngakho siyogcina siphila impilo emangalisayo esihlelelwe yona .Shlobo sami mvumele uNkulunkulu akuguqule ngaphakathi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.