“Umbono”Uqhathaniswe “Neqiniso”
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 EkaThimothewu 1:13,14 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..
Enye yezinto esengike ngayiqaphela ,mhlawumbe nawe sewuke wayiqaphela ,ngukuthi kulula kulesikhathi,ukushesha sigudluke eqinisweni ngenxa yemiyaleza esina idedelana iza kithi nge-media .
Abantu babukeka beletha ngesankahlu imibono yabo noma ngabe kukwezokusakaza ezejwayelekile kumbe nge-social media okuyiyo ematasa kakhulu ngezokukhuluma .Kodwa noma ngabe lawomaphimbo ebengaba nomsindo omngakanani ,umqondo-mbono awuhlali uliqiniso zikhathi zonke .
Ake ucabange uhlobo lwe-media oyigwinyayo nsuku zasa ,uhlobo lwabantu obalalelayo .Kungakanani abukufake kwakungumthelela kuwe ngokwendlela ocabanga ngayo nokukholelwayo ? Futhi ngesikhathi sivula umlomo sidla kwasani oluza ne-media ,kusikhathi sinye siya ngokuya sihlehla eqinisweni likaNkulunkulu .
Lokhu akuyona inkinga yesizukulwane sethu esitshelwa kakhulu yimedia . Nansi indlela umphostoli Phawuli ayibeka ngayo ,ngesikhathi ebhalela uThimothewu owayemkhulisa kwelikamoya ,mumva le kwi 1 st century :
2 KuThimothewu 1:13,14 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..
Ngamanye amazwi ,buyela ezwini likaNkulunkulu .Lazi iqiniso laKhe ,likholwe iqiniso laKhe ,liphile iqiniso laKhe ,noma ngabe umhlaba ukubangela umsindo omngakanani ngemibono yawo . Ngoba ngesikhathi usondela kuJesu ,enhlakaniphweni yaKhe ,entobekweni yaKhe ,othandweni lwaKhe ,emseni waKhe – konke okuthi uma kuphambi kobuso bemibono yezwe ebingakukwilizisa – uJesu uphenduka ingcebo yomphefumulo wakho .
Imibono yezwe noma ngabe ibinganemisindo engakanani kodwa ayisona isibambiso seqiniso likaNkulunkulu .
Okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..
Futhi Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..