... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ibandla Ofanelwe Ukulicinga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 1:9 Obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.

Listen to the radio broadcast of

Ibandla Ofanelwe Ukulicinga


Download audio file

Angazi ukuphi njengamanje ngokobudlelwane bakho noJesu , kodwa ingxenye eseqhulwini yabo lobudlelwane ngukuba kunye nomzimba  waKhe ,ube yingxenye yomndeni wabakholwayo. 

Eminye yemibuzo engivamisa ukubuzwa yona ngukuthi ngingalikhetha kanjani isonto elingcono ukuba yingxenye yalo ? Futhi ngenxa yokuthi ngumbuzo osemqoka lo ,uyinto engikhulumayo kakhulu ngayo ,kumbe angithi engifundisayo ngayo .

Kulula uma usuke ucinga ibandla ongaba yingxenye yalo ukuthi ubuke izinto ezibonakalayo ngaphandle . Ukuthi amalunga alelo bandla ahlala endaweni enjani ,uhlobo lokuhlabelela , uhlelo lwezingane ,ukuba lula kokufinyelela khona , uma unemoto ucabange nge parking injani kumbe amatekisi aseduze yini nakhona  ngisho nezihlalo imbala ukuthi zintofontofo yini .

Kodwa esikhathini lakhona esibukeka siya ngokuya singalinaki iqiniso singakhathazeki ngalo ,futhi sibuka kakhulu ubuntofontofo bethu nenhlalonhle , sikwi- risk yokulahlekelwa yizinto ezisemqoka .

KuThithu  1:9  Obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.

Lendima uma uyibukisisa ngesiGrekhi eyayibhalwe ngaso ikhuluma  “ngesifundo esiphilayo esiliqiniso ” – yiyo ke leyo ! Ubani okhathazekile ngesifundiso ? Yebo,yindlela esemqoka ukusho ukuthi ibandla limelwe ukufundisa iqiniso eliyilo .Akekho noyedwa kithina ongafuni ukudedela iqiniso ,uthando namandla kaNkulunkulu athelwe ezinhliziyweni zethu . Ngoba akekho noyedwa kithini ongenalo uhlobo oluthile lwesono esisodwa nje okumele abhekane naso  empilweni yakhe .

Njengokuba omunye wake wathi; musa ukucinga ibandla eliseduze nekhaya lakho . Cinga ibandla eliseduze kakhulu neBhayibheli . Yilapho kanye ozothola khona ukuphiliswa komphefumulo wakho .

Futhi Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..