... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

“Umbono”Uqhathaniswe “Neqiniso”

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaThimothewu 1:13,14 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..

Listen to the radio broadcast of

“Umbono”Uqhathaniswe “Neqiniso”


Download audio file

Enye yezinto esengike ngayiqaphela ,mhlawumbe nawe sewuke wayiqaphela ,ngukuthi kulula kulesikhathi,ukushesha sigudluke eqinisweni ngenxa  yemiyaleza esina idedelana  iza kithi nge-media .

Abantu babukeka beletha  ngesankahlu imibono yabo  noma ngabe kukwezokusakaza ezejwayelekile kumbe  nge-social media okuyiyo ematasa kakhulu ngezokukhuluma .Kodwa noma ngabe lawomaphimbo ebengaba nomsindo omngakanani  ,umqondo-mbono awuhlali uliqiniso zikhathi zonke .

Ake ucabange uhlobo lwe-media oyigwinyayo nsuku zasa ,uhlobo lwabantu obalalelayo .Kungakanani abukufake kwakungumthelela kuwe  ngokwendlela ocabanga ngayo  nokukholelwayo ? Futhi ngesikhathi sivula umlomo sidla kwasani oluza ne-media ,kusikhathi sinye siya ngokuya sihlehla eqinisweni likaNkulunkulu . 

Lokhu akuyona inkinga yesizukulwane sethu esitshelwa kakhulu yimedia . Nansi indlela umphostoli Phawuli ayibeka ngayo ,ngesikhathi ebhalela uThimothewu owayemkhulisa kwelikamoya  ,mumva le  kwi 1 st century : 

2 KuThimothewu  1:13,14 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..

Ngamanye amazwi ,buyela ezwini likaNkulunkulu .Lazi iqiniso laKhe ,likholwe iqiniso laKhe ,liphile iqiniso laKhe ,noma ngabe umhlaba ukubangela umsindo omngakanani ngemibono yawo . Ngoba ngesikhathi usondela  kuJesu ,enhlakaniphweni yaKhe ,entobekweni yaKhe ,othandweni lwaKhe ,emseni waKhe  – konke okuthi uma kuphambi kobuso bemibono yezwe ebingakukwilizisa – uJesu uphenduka ingcebo  yomphefumulo wakho .

Imibono yezwe noma ngabe ibinganemisindo engakanani kodwa ayisona isibambiso seqiniso likaNkulunkulu . 

Okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi..

Futhi Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..