... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umbuso KaNkulunkulu Ufana …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 13:31,32 Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”

Listen to the radio broadcast of

Umbuso KaNkulunkulu Ufana …


Download audio file

Nansi into abaningi abadonsa kanzima ngayo :ufuna ukuba nohlobo oluthile lokholo ,izinga elithile lokholo empilweni yakho ….futhi phakathi kwakho konke  okuqhubekayo kuwe ,lolohlobo lubukeke luluncane ,lubukeke lungolungelutho luminziswe yiyo yonke imisindo le .

Sewake wakuzwa lokho ? Nginesiqiniseko sewake wakuzwa ,ngoba ukuphila impilo kuthatha umfutho omningi .

Kuningi okudinga ukubheke ,okwenza ubuke sengathi uhlobo olufanele lwezikamoya luyinto engenakwenzeka .UJesu wayekwazi lokho okungakho waxoxa lendaba:

NgokukaMathewu  13:31,32 Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu

yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;  yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”

Manje kuqonde lokhu ukuthi abantu ababelalele lokho batolika lomqondo ‘woMbuso’ njengokuphatha kombuso okuphelele kwenkosi emhlabeni .

Ezinsukwini ezasezidlule kwakunamakhosi  kwa-Isarel ,kodwa kulesisikhathi kwakuphethe ubuKhosi obabuneshluku bama Roma obabuhlonishwa ngegama elithi  ‘uKhesari’ .Manje …uthini uJesu pho ?  

Ukuthi mawutshala lenhlamvu yesinaphi enhliziyweni yakho  (kwakuyiyona nhlamvu encane kunazozonke ngalesosikhathi ) yayizokhula ngokushesha  (okuyiyona ndlela imithi yesinaphi ekhula ngayo ) iba yimithi emikhulu kunayo yonke ;uqobo lwento okuyiyo evelele enkulu empilweni yakho .

Enkulu ngangokuthi ,abanye bazoza bezophumula okholweni lwakho ,njengokuba izinyoni zenze njalo kulowomuthi .

Ngakho uma konke onakho kulokhu kuphila okwehla kwenyuka unenhlamvu yesinaphi kuphela  …ibhekisise .Ngoba ngokuJesu lokho kungaphezu kokwanele .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.