UMhawu KaNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Eksodusi 20:2,3,5 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazikhothameli ungazikhonzi ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu .
Ngingabuza namhlanje ukuthi yiyiphi into enkulu empilweni yakho ozabalaza kanzima ukuyibeka phansi uyendlale phansi , uma uNkulunkulu ekulawula ukuyibeka phansi ? Zinto zini ezingamafa akho ,zikhundla zini ,zinto zini ezingamapreference kuwe …ongathwala kanzima ukuziyeka uma ethi shiya phansi?
Uzakwethu uthi yena hhayi kuye kungaba yitechnology –wayekade enenkampani ye-IT isikhathi eside .I-hobby yakhe ngukubona zonke izinto zakhe ze-tech zisebenza zixhumeke kamnandi ,iwashi lakhe,ifoni ,itablet ,icomputer konke kusebenza ngokwamandla akho .
Mangase uNkulunkulu amcele ukukushiya konke lokho abuyele epenini nephepha kuye kungaba ngumzabalazo omkhulu .Ngakho kuwe mlaleli kungabayini ?
Isizathu ngibuza ngukuthi labo bethu abazibiza ngokuthi bayakholwa nguJesu ,labo bethu abathi bangabafundi baKhe ,badinga sidinga ukuba bukhali ukuqaphela izinto ezimpilweni zethu noma ngabe yini ezingafuna ukufaka umoya wokufuna ukuba phambili kunoNkulunkulu ezimpilweni zethu .
Eksodusi 20:2,3,5 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami……
Ungazikhothameli ungazikhonzi ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.
Manje kungani uNkulunkulu enguNkulunkulu onomhawu ? Ngoba uyasithanda ngaphezu kobekungathimiselwa ngamagama ,ngakho wathumela uJesu iNdodana yaKhe ,ukuze sithethelelwe izono zethu ,yiyona ndlela leyo asithanda ngayo .
Futhi akafuni sikhohliswe noma yiliphi ihuho lakulomhlaba noma uSathane uqobo ongasiholela ophathe asikhohlise .
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.