... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umusa Nokuthula Makube Kini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Listen to the radio broadcast of

Umusa Nokuthula Makube Kini


Download audio file

Uma uhlangana nomuntu okade wamgcina umbingelela kanjani ? Kumbe uma umhambisela incwadi [mhlawumbe kulezinsuku  nge –email kumbe imessage ] uyiqala kanjani ?  

IThestamente Elisha ingxenye enkulu yalo eqoqweni lezincwadi ezabhalwa nguPhawuli noPhethru  ziya kubazalwane ,abanye babo ababesenhluphekweni ,abanye babenhlanhlatha ,kodwa bonke babebhekene nezinselelo ezehlukene  ezimweni ezehlukene .

Yebo  izimo zabo zonke zazinalokhu okukodwa okufanayo –lelizwe lakuqala lalinesihluku ,laliphethwe ngamaRoma ,liphethwe yiNkosi eyayizibona injengoNkulunkulu .

Babengenazo izinsiza zezempilo esesinazo kulezinsuku esingazinaki ubumqoka  bazo kakhulu ngoba vele siyazi sinazo ,izibhedlela ezinemibhede ethofozelayo ,unakekele lwamazinyo ,ukuhlinzwa  nokuningi esisizwa ngakho ,kuzo lezibhedlela kunama shower anamanzi ashisayo ,amafriji ,airconditioners  ukudla nokuningi …..konke lokho babengenakho ngingasayiphathi  eyesihluku sokuhlushwa kwamaKhrestu .

Nembala kwabe kuyindawo enesihluku nesikhathi esineshluku.Futhi khona kanye  lapho uthola isibingelelo esasivamile  kulezoncwadi zeThestamente Elidala ,esibhaleke  ngalendlela  esiqhamuka kuPhawuli umphostoli:

1 KwabaseKhorinte  1:3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Esimweni lababantu ababephila kuso kwaku ngeyiwo nje umugqa lo olula njengegama esivamisa ukuqala ngalo masi –texter elithi ‘hi’.Kwabe kuyisibingelelo esinothisa inhliziyo qede silethe umuzwa wesibusiso esikhethekile ngokwesikhathi ofundayo ayedinga ukusizwa .

Futhi lomusa nalokhu kuthula khona kufika kanjani kuvelaphi kuze kubo [kuze kithi ] ? Kuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khrestu .  

Yisona sibusiso leso uNkulunkulu anaso ngawe .Yilokhu akufunela wena ,khona  kanye phakathi ezimweni zakho ,ezivivinyweni zakho .

Makube kuwe  umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.