... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungaigeki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 29:25 Ukwesaba abantu kubeka ugibe ,kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Listen to the radio broadcast of

Ungaigeki


Download audio file

Umcabango wokugigeka kunoma yini ongabe uyenza ,mawukufikela uletha ukwesaba .Akucabange uvaleleke egunjini lomkhumbi  ozikayo .Akucabange ugigeke uvaleleke emathunjini omhlaba .Kucabange nje lokho  …

Yebo nebala yisiqalo sengxoxo yethu esisephuzelisa izinwele  lesi ? Kodwa iqiniso kulezinsuku lithi abantu bazithola begigekile kokuthile Mhlawumbe kunento esimweni sakho njengamanje eyenza ube nalowomuzwa ..

Ezinsukwini zombulalazwe we-COVID  ngesikhathi kune lockdown ,ngangiye ngicabange ngezingane nabesifazane abahlukunyezwayo ukuthi ekaze kulokho kuvaleleka bagigeka kukho ndlelani    –ukuthi kwabe kukubi kanjani kubo  .

Kodwa kwesinye isikhathi izindonga zokugigeka kwethu zenziwa yithi .Kwesinye isikhathi sizivalela thina esimweni  .

Izaga  29:25  Ukwesaba abantu kubeka ugibe ,kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Okushiwo nguNkulunkulu la ngukuthi ukwesaba ngokwakho kungunoxhaka  .Abantu bezizwa bekunoxhaka emsebenzini yabo , esimweni esinzima ,phakathi novalo lwezempilo ababhekene nalo ,ngisho nangukubhekana nesifo esingalapheki emzimbeni .

Impilo iphonsa konke  okunzima  nokuyizimpi kithi ,asicacise ngalokhu ,ukuthi lusuku lumbe  kuyofika esiphethweni mhla sesidlula  kulokhu kuphila .Lezozinto  zizoqhubeka zenzeka  inqobo masisaphila.

 Noma ngabe sizizwa sigigekile kuzo ,noma ngaphandle kwazo ,sizizwa sikhululekile njengenyoni ,kunotho okunalo ngokwesaba ….

Uma ucabanga ukuthi uwedwa kukho konke lokhu ,uma kuyindlela yakho yokubuka impilo ,ukwesaba kuzoba ngumgoga kuwe – ijele lokuzenzela elenziwe nguwe luqobo .

kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.