Ungajahi Ubuntofonto Okwamanje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 2:16,17 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Kunomoya osungenisile kulezinsuku kubantu bakaNkulunkulu ,ukubona ivangeli likaJesu Khrestu linjengethikithi lokududuza nempumelelo ,mhlawumbe igama ‘osungenisile ohamba mawala ‘ akulona igama ebelingena khaxa.Asithi inkohliso ,isifo …lawomagama abukeka engena khaxa kangcono .
Kunezizathu eziningi ngangiyithandi i-social media ,kodwa iyanginika umqondo omningi ngokokuthi abantu bacabangani ,ikakhulukazi labo abazibiza ngokuthi banga ‘MaKhrestu’.
Futhi omunye walowomqondo o-threndayo ngowokuthi ivangeli liyithikithi lenduduzo empilweni.Ngike ngabona enye i-post yo’MKhrestu’: Ngesikhathi ngiqhubeka ngikholwa ,sengiyabona ukuthi kusikhathisinye ngingafuna drama empilweni yami , ungqubuzano noma ingcindezi .Ngifuna ikhaya elintofontofo ,abantu abahle nokudla okumnandi kakhulu okuzonginandisa empilweni .
Lomusho waduma ,wathandwa ngabantu abangu 182,000 . Futhi yebo nebala abekho kithina abafuna idrama, ungqubuzano nengcindezi empilweni . Sifuna ikhaya elintofontofo kamnandi ,ukudla okumnandi ,nakanjani futhi nokuzungezwa ngabantu aba-right ,abahlale bejabule . Kodwa uma ukholwa nguJesu akusikhona lokho akubizele khona .
NgokukaMarkhu 2:16,17Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Ababizwa ngokuthi yizoni ngabanzima ukuba seduze kwabo .Baqhubeka kabi ,bethuka ,bathukuthele baqhume ,baqamba amanga ,bayantshontsha .Futhi uma mina nawe singabatsheli ngoJesu ngubani oyobatshela ?
Akasithumele kwabahle .Usithumela ezonini .Ngakho ungazifaki emzweni wokuyophumula kamnandi ebuntofontofweni njengamanje .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..