... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sekuyiskhathi sokuchuma

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:31,32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Listen to the radio broadcast of

Sekuyiskhathi sokuchuma


Download audio file

Njengokuba usazibuka empilweni yakho njengamanje ,ubungasho ukuthi ungochumayo noma cha ? Ngixoxele ,ngakube igama elithi : “ukuchuma” ubungakwazi ukulisebenzisa ngokwesigaba okuso njengamanje ? 

Isitshalo esisemhlabathini omuhle ,esithola ukukhanya okwanele ,nomswakama owanele  nomoya ,siyachuma angithi ? Kodwa lesositshalo ungasithatha uyosibeka kwenye ingxenye yensimu ,mhlampe la kunethunzi eliningi khona ,kumbe amanzi anganele khona ,inhlabathi embi,nakuba singabekezela ,kodwa ngeke siqhume siqhake kahle intshakaza ,imbali yaso ,isithelo,ngendlela esiqhaka ngayo  ngokwemvelo yaso .

Futhi lesosthombe sesitshalo sichuma noma singachumi ,yindlela elula leyo yokuzibuka ezimpilweni zethu ,ukuthi sikuphi ,sihamba kanjani ,ukuthi siyayiphila noma cha impilo uJesu asifelela yona qede wavuka ukuze asiphe yona . 

Ake ngibuyele kuwona .Ngumbuzo onzima ,kodwa ngicela uwuphendule ngokwethembeka kuwena luqobo . Uyachuma empilweni yakho noma cha ?

NgokukaJohane  8:31,32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;  niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Esinye sezizathu zalabo abakholwa kuJesu ,ukuthi bengachumi empilweni yabo ,bengaphili ngokwempela impilo echichimayo azela ukuzobanika yona ,yingoba abamlaleli.

Baphila impilo umhlaba obatshela ukuthi  yiyo esebenzayo ,kodwa ibe ingasebenzi .Kodwa uma uthola izifundiso zikaJesu ezimpilweni zethu ,uma uqala ukuzemukela ziliqiniso ,uma uqala ukuziphila ,umlalela …ziyakukhulula ,ekugcineni ube ngochumayo ohlabela phambili ngokunethezeka .Ube sesiphethweni sokuba yilokho kanye akwenza ukuba ube yikhona . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..