... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakholwa Kanjani Uma …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 5:44 Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

Listen to the radio broadcast of

Ungakholwa Kanjani Uma …


Download audio file

Sewake wazizwa ungonqamukelene kulokho obukulangazelela ,ukuthi uthanda ukuyiphila kanjani impilo yakho  ,nangendlela ngqo oyiphila ngayo usuku nosuku ,la ebheke khona ,yebo kanye empeleni eyogcina iphethela khona?   Awuwedwa kulokho .

Kuqala kungumuzwa ophakathi nendawo  ondikindiki ,okugcina  usuthe shi ezinhlungwini zawo ungasazi uzophuma kanjani kulolodaka .Futhi kwabanye njengokuba kwenza kimi iminyaka eminingi edlule ,kugcina kungubuhlungu obukuhlaba ngokwendlela yokuthi umelwe ukwenza utho ngabo .

Inkinga kuba ngukuthi usesondweni elijika lingami olifakwe ngumhlaba ukuthi umelwe ukuphumelela noma ngayiphi indlela ngisho kungabiza ugxobe ini phambi kwakho ,kunoma yini isandla sakho esiyithintile .

Futhi indlela ngokwethu  esikala ngayo impumelelo ngukuthi abantu bathini bacabangani ngathi  ,noma bayasihlonipha noma bayasinika iqholo .

Futhi yintshelelezi leyo yokushibilekela ekuzifuneleni udumo ,njengomuntu wezidakamizwa ohlale njalo efuna ezinye mayeqeda ezinye ,ukuhlale ufuna ukuzizwa  ingqondo ithi zwi zwi usubambekile .Kodwa eqinisweni lokho akugcini kunelisa ngokwempela .

Akukuphelelisi  ngalokho obulokhu ukulangazelela .Ngakho ugcina uholeleka  kwikhosomba elinomzwangedwa kumbe elingumgodi .Ngakube lokho kuzwakala kungokwesikwaziyo  kwakhona ,ngokolimi olungemnandi nokho ? UJesu wake wathi :

NgokukaJohane 5:44 Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

Shlobo sami uJesu weza ukuzokukhulula kukho konke lokho ;ukusindisa lomhlaba  obhajwe ekuzidumiseni ;ukukugcwalisa ngakho konke lokhu owawukade ukufisa  ngokuthela inkazimulo yakhe phezu kwakho ,inkazimulo kaNkulunkulu enhliziyweni yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.