... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unganyakaziswa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaThimothewu 1:13,14 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi

Listen to the radio broadcast of

Unganyakaziswa


Download audio file

Iqiniso liyinto othi mawubuka ngokwalezinsuku  zokugcina kube nzima ukubambelela kulona ,njengokuba wayeqagulile uJesu  , Njengokuba isikhathi sisondela  sokubuya kukaKhrestu kuningi okuhlose ukupholisa uthando nenhlakanipho kaNkulunkulu,qede kufuna ukufaka esikhundleni inhlakanipho yoluntu …..enemiphumela eyincithakalo . 

Lokho ,ukubona yonke indawo awukuboni ? Amandla obumnyama edangalisa uthando lukaNkulunkulu ,oluza kithi ngoJesu ,iNdodana yaKhe ,okuthi uma umhlaba uya ngokuya uqhela kulezondaba ezinhle ,kukhulisa ingcindezi kithina  esizikholelwayo ,ingcindezi yokufuna ukudonseleka kulamanga . 

Yingcindezi le eza kithina macala onke .Iqhamuka ngezinkolelo  nezimfundiso ezithile zepolitiki  nokuningi okufuna  ukusivalela ekhoneni ukuba sikholwe yikho .Kusuka ekuxegelweni yizimilo esikuthola emiphakathini  yethu . Kuze kuyofika ekugcizelelweni kwenkululeko yomuntu ngayedwana engabhekile ukuthi ngesikhathi ekuleyonkululeko abanye ibaphatha kanjani bona . 

Ungalenzi iphutha ulale ,yitulo likasathane leli lokuyisa eslaheni bonke abakholwa nguJesu .Kuyinto esingena kwelikamoya ,emizweni yenhliziyo ,nasenyameni imbala futhi ngesikhathi kwenzeka siyaliziba igalelo layo elimbi  ensindisweni yethu,sihambe sibhekise amakhanda phambili okwezimvu zilandela eyohlatshwa . 

Kodwa asingalokothi sizitshele ukuthi yinto entsha le :

2 EkaThimothewu 1:13,14Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa

nangothando olukuKristu Jesu;  okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi

Ngamazwi kaPhawuli lawa awabhalela insizwa ayesayikhulisa ebuholini uThimothewu, emqinisa ukubambelela eqinisweni ,ngoba lawomandla obumnyama ayephila enamandla nanakulezonsuku .Kodwa simelwe ukukuqaphela kanjani okuligugu okuhle kithi ,ukufakwa umusa neqiniso likaNkulunkulu  esethenjwe ngalo ,kulezinsuku ezimnyama nsuce ?  

Ngokusizwa  nguMoya oNgcwele ohlala kithi  singakwazi ukulonda okuhle okubekiwe kithi !

Bambelela eqinisweni ngamandla kaNkulunkulu .Ungalokothi ulivumele liphume kuwe ! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy