... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Usuku Lwesikhumbuzo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 12:14 Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini,nilugcine lube ngumkhosi kaJehova,anolugcina izizukulwane ngezizukulwane lube ngumthetho waphakade .

Listen to the radio broadcast of

Usuku Lwesikhumbuzo


Download audio file

Noma ngabe yiliphi izwe ophila kulona ,kunamadoda nabesifazane abaphile ngaphambi kwakho ,abanikela ngezimpilo zabo ngethemba lokuvikela inkululeko yakho . Futhi  ngumcabango lo ojulisanayo .

Namhlanje kwelase USA wusuku Lwesikhumbuzo ,la khona kuzoliwe ,kulilwa ,kukhunjulwa abambutho wamasosha abafela ezimpini bevikela isizwe .  Imvamisa isikhumbuzo kungayischuse noma  isakhiwo esisikhumbuza okuthile . 

Kodwa akuphoqi kube yinto ephatheka ngesandla . Kahle hle izikhumbuzo ezijulile yilezo eziphila ezinhliziyweni zabantu , ngesikhathi bekhumbula inani abakhokhelwa lona .

Ngesikhathi uNkulunkulu ekhulula u-Israel ebugqilini eGibhithe ,umuzi ngamunye kwakumele ubulale iwundlu  qede upende  igazi escabheni somnyango ngamunye ukuze ingelosi yokufa ,leyo yenhlupheko yokugcina eyehliswa ukuhlupha uFaro aze athambise inhliziyo adedele abantwana bakwa Israel baphume , nebala lengelosi yayizokwedlula ngaphezulu emakhaya abo ingababulali ,uNkulunkulu wayala :  

Eksodusi 12:14 Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini,nilugcine lube ngumkhosi kaJehova,anolugcina izizukulwane ngezizukulwane lube ngumthetho waphakade .

Kodwa lokhu kwabe nje kungunambitha insindiso yoqobo eyabe iseza . Emva kweminyaka eminingi eyalandela uJesu iWundlu likaNkulunku; laphalalisa igazi lalo esiphambanweni ukusithengela inkululeko yethu ezonweni .Inkululeko esonweni esicokoshisa nya impilo yethu . Inkululeko olakeni lukaNkulunkulu ,ngosuku esiyokuma ngalo ekwahlulelweni ,njengokuba sonke siyokuma phambi kwaKhe .

Kuhle kakhulu ukuba izizwe zibeke usuku eceleni ukukhumbula labo abanikela ngezimpilo zabo ukuze zikhululeke. Kodwa umnikelo omkhulu kunayo yakho kwabe kungukufa kukaJesu esiphambanweni .Usuku Lwesikhumbuzo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..