Ungaphila Kanjani Ekunqobeni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 6:1,2 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
Ukwazi ukuthi uJesu wafa wavuka ukuze asikhulule ezonweni zethu ,kukodwa lokho .Kodwa ukuliphila leloqiniso ,ukusiqeda nya lesosono esisodwa esilokhu siqhubeka sikukhubaza ,kungokunye ke lokho ngokwakho .
Futhi lokho kuyinkinga ,akunjalo? Siyazi ukuthi uJesu wasifela kulesosiphambano ukusihlawulela izono zethu nokusikhulula emandleni aso. Kodwa inkinga yilesiya sono- lesiya nje esisodwa esiqhubeka sisihlupha – esibukeka sinamathele singasuki.
KwabaseRoma 6:1,2 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?
Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
Yebo kuzwakala kungumbuzo oshawe ifindo , kodwa impendulo ilula kakhulu .Sibukeka silokhu sigiya siphindela kuso .
Ake sibuke ngqo lesosono esisodwa empilweni yakho ,okwamanje Siyini ingempela ? Kimina lesisono esisodwa obekudinga ngibhekane naso ngukudinwa. Sithini esakho? Futhi zikhathi zonke ngesikhathi usicabanga kunento evese ikukheqe ungene kuso .Kusesikhathini manje ukuthi ukwazi ukubona ukuthi yini le ekuvimbayo .Yini ingempela ? Futhi yiyiphi iplan ongayenza ukuthi ngokuzayo uma sekwenzeka ,ukwazi ukukhetha kangcono ,esikhundleni sokuziphatha kwakho okujwayelekile ?
Unengqondo emangazayo ekwazi ukuziqondisa ibe nomgudu omusha .Unengxenye yengqondo yakho okuthi mase ubhekene nesimo esithile ikunika iresponse yomgudu owodwa .Kodwa okungathi uma uyifaka uhlelo lwakho olusha ,ingakwazi ukuguquka inanele kulona ,iqale imigudu emisha yokuziphatha .
UNkulunkulu unohlelo ,nebala wenze indlela ngoJesu ,ukukukhulula esonweni sakho .Yisikhathi lesi sokuba wenze uhlelo olusha ,ukuze ungene ohlelweni lwaKhe .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..