... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwenza Ujesu Abe Yikho Konke Kuwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:34-36 Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela. UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Listen to the radio broadcast of

Ukwenza Ujesu Abe Yikho Konke Kuwe


Download audio file

Ngingabuza namhlanje ukuthi ngakube uJesu sewumenzile wayikho konke kuwe ? Engiqonde ukukusho ngalokhu ngukuthi ngakube uJesu uyiNkosi yempilo yakho ? Ngakube sewukubekile konke okuyikho ,konke onakho ,wonke amathemba ,onke amaphupho kuYe ?

Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

 “UJesu UyiNkosi ” ngamagama aphuma kalula lawo kumaKhrestu amaningi .Kodwa ngakube kuliqiniso ngempela ? Igama ngokweThestamente Elisha elithi “ iNkosi” lisuswa kwelinye igama elichaza ukuthi : “ ophakeme /ongaphezulu” . 

Ngakube uJesu uphakeme ungaphezulu empilweni yakho ? Ngakube intando kaNkulunkulu ingaphezulu iphakeme ekutheni uyiphila kanjani impilo yakho usuku nosuku? Ngoba  uyabona esikukholwayo nesikwenzayo ,ngokukaJesu ubuso bemali eyodwa obuhlukene .

NgokukaJohane  3:34-36Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela. 

UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.

 Okholwa yiNdodana unokuphila

okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

UJesu usitshela ukuthi uthini uNkulunkulu – ugcwele nguMoya oNgcwele unamandla phezu kwakho konke .Ngamanye amazwi unamandla aphakeme ungophezulu ngamandla –supremacy .Ngeke sadlalela ekwenzeni iphutha ngalokho . 

Manje ,nabu ubuso obuhlukene bohlamvu lwemali olulodwa :

Okholwa yiNdodana unokuphila

okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe 

Ukukholwa ngukwenza futhi ukwenza ngukukholwa .Ngakho ngokukhanyiswa yiqiniso elinamandla  yiyona ndlela esiphila ngayo izimpilo zethu  yikhona okungubufakazi bokholo lwethu kuJesu ,ngingaphinda ngingukubuze ,ngakube uJesu uyiNkosi ngempela phezu kwempilo yakho ? Ngakube umbeke waba ngophakeme ngophezulu kukho konke ….noma qha ? 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.