Ungayigomosheli Inkululeko Yakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseGalathiya 5:1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Inkululeleko ngelinye lamagama elibukeka ligcwele “ukuvelela” . Ngamanye amazwi ngumqondo sonke esifuna ukuzisondeza kuwona eduze . Kodwa ngumqondo osukhwitshilwe wasontwa wayiswa kwelinye icala ngabantu abafuna okwabo .
Kulesikhathi sesimanje indaba yenkambo enhle enobuqotho evela kuNkulunkulu ogcwele uthando lonke namandla onke ,umqondo nje wokuthi kunento ebizwa ngukuthi ‘yisono’ …angisho ukuthi kwabanye abantu yihlaya uqobo lelo ,bahleka baze baqhethuke bashayeke ngesiphundu enhlabathini . Izwe libuka lokho qede libone sengathi okholelwa yikho wadunyelwa yizulu kweqa ,zimshiyile impela ekhanda lakhe .
HHayi bo phela angikutshele ukuthi ngisho isibalo esikhulu salabo abazibiza ngeBandla nabo bawubukela phansi lomqondo ngangokuthi uze ube yinto engathi shu kubo khona bethi bayakholwa njalo .
Kodwa uNkulunkulu uyasithanda sonke ngamunye ,ngangokuthi akasifihleli ukuwela kwethu esonweni uyasitshela ngenxa yothando lwaKhe , nokuthi Yena ungubani nokuthi futhi uJesu weza ukuzosikhulula kuleso sono kanye .Futhi lowomqondo wethu wokudlubulundela sibe zidlabuladlwedlwe ezifuna ukuziyela kwamathanda nhliziyo ,kusibeka esigabeni sokuzikhethela – kukabili kungaba ukumumukela uKhrestu kumbe siqhubeke siyokhalakathela eweni lobumpigogo bethu .
Ngakuthola lokhu kuwukukhetha okunzima ngoba ukujula kwesono sami kwakukhulu. Kodwa njengokuba umfundisi wase Pres u- Dane Ortlund ekubeka kanje , UJesu umi ngakithi esisiza ukulwa nesono sethu , akamelene nathi ngenxa yesono sethu .
Izindaba ezinhle lezo nebala ! Pho manje kungani sizobuyela siyowela esonweni sethu ? Kungani ,sesamukele umusa nesihe kuNkulunkulu ngoJesu Khrestu , silahle inkululeko yethu qede sibuyele ebubini esasibenzile phambilini ?
KwabaseGalathiya 5:1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Futhi ngoba uyasithanda kakhulu uyaqhubeka ekhuluma uthando nomusa waKhe kithi ngeZwi laKhe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..