Ungomkhulu Kakhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 11:11 Ngiqinisile ngithi kini kwabazelwe ngowesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhaphathisi ,kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .
Sewake wazizwa sengathi awuneli ndawo? Kube sengathi ungumtshing’ubethwa ngubani? Ebunganeni bami ngaphila nomuzwa wokungazizwa kahle ,eside isikhathi lesi.Sithanda ukuzizwa sintofontofo esikhumbeni sethu.Sithanda ukuzizwa sinjengenkomo ezaziyo ingeyasiphi isibaya.Kodwa kwesinye isikhathi lokho kuzizwa unendawo kuba ngumuzwa osikhohlisayo.
Phakathi ezinhliziyweni zethu sithanda ukubuka abantu ngokwezigaba zomnotho nezikhundla abakuzo ,nokuthi babukeka kanjani ,bahlakaniphe kanjani ,bahlalaphi,nokuthi basiphatha kanjani .Akumele sikwenze lokho ,siyazi futhi ,kodwa imvamisa siyangena ekukwenzeni .
Mangase kuthiwe mina nawe sasiphila ezinsukwini zikaJesu ,sasizombeka kuphi uJohane uMphabhadisi ohleni lwethu lwezihlalo?
Wabe engumuntu owayehlukile kakhulu. Wayedla amaqhwagi,egqoka iskhumba sekamele eshumayela umlilo uqobo esehlane .Lokho okwabe kwehlukile kakhulu ngokwenqubo yesikhathi .Kodwa sithola ukuthi wabe engumzala kaJesu futhi uJesu wayemnika iqholo eliphakeme kakhulu .Mhlawumbe kungamele simbeke phezulu ohlwini lwethu hhayi le emsileni.
Ngakho,nansi indlela uJesu abuka ngayo okwakwamhlaba ngokokuhlukile kunabantu.Uthi ,
NgokukaMathewu 11:11 Ngiqinisile ngithi kini kwabazelwe ngowesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhaphathisi ,kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .
Wow! Kuyisimangaliso sento lokho ukuba kushiwo yiNdodana kaNkulunkulu ngomuntu wasehlane ongajwayelekile.Kodwa enkulumweni elandelayo ,okuyiyo kanye mina engithatha kakhulu ,usethi kuyo :
NgokukaMathewu 11:11 kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .
Ngakho uma uba esikhathini lakhona uzizwa sengathi uyimfeketho nje ,awungeni ndawo ebalazweni,uzizwa unganikwe value,umkhuleko wami ngukuthi sengathi amazwi kaJesu aqhubeke enkeneza enhliziyweni yakho.
Ngoba emehlweni kaJesu ,thina esingebani sibakhulu ngisho ngaphezu kwabakhulu kakhulu .Yizona ndlela zikaJesu zokubuka izinto ke lezi
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..