Ungowami
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 43:1-3 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami.Lapho udabula emanzini mina nginawe ,nasemifuleni ayiyikukukhukhula ;lapho uhamba emlilweni awuyikusha ,nelangabi aliyikukushisa .Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho oNgcwele kaIsrael, uMsindisi wakho .
Enye into ebuhlungu esiyizwayo ibe njengezikhisi la khona impilo inzima ngumuzwa wokushiwa nguNkulunkulu , kube sengathi impela usilahle le kude wasilaxaza okwenyongo yenyathi ,usikhohliwe akasasiphuphi noma elele .
Uma ukucabanga lokhu ,lomuzwa wokushiwa nguNkulunkulu uma usenkingeni ,ungumuzwa oyimvelo kumuntu uma esengxakini. Ubuhlungu bunomoya wokusihlukanisa nalabo abasithandayo okudlulele ngisho nakuNkulunkulu okunguYe ongasisindisa kulobobuhlungu .
Ngakho uma kungukuthi sewuke wakuzwa lokho kuqhela kuNkulunkulu ,yazi lokhu sihlobo sami awuwedwa kulowomuzwa .Nami sengike ngaba kulesosigodi njengokuba nabaningi asebeluhambile loluhambo bebhakanile naso . Ngakho ithini impendulo?
Manje singalungisa kanjani lezindonga imizwa yenhliziyo yakho ebhekana nazo , ebukeka inamandla amangaka ekwazi ukuba nomthelela wokukwenza uzizwe uwedwa ,ushawe ngumhlaba ?
Impendulo ngukuvumela uNkulunkulu ukuba akhulume nawe kuleyondawo eligumbi ozizwela ulahliwe kulona . Impendulo ngukukholwa akushoyo ngaphezu kwalokho okushiwo yimizwa yenhliziyo yakho .
Isaya 43:1-3 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho ungowami.Lapho udabula emanzini mina nginawe ,nasemifuleni ayiyikukukhukhula ;lapho uhamba emlilweni awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa .Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho oNgcwele kaIsrael, uMsindisi wakho .
Iqiniso ngukuthi uNkulunkulu akazange akushiye kuleyondawo kwakhona ekuqaleni. Iqiniso ngukuthi unawe khona lapho kanye ngoba unguNkulunkulu wakho ,unguMsindisi wakho .
Yilona nebala iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..