UNkulunkulu Obanakilisiwe Abonwe Ngabantu Bonke
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:18 Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Kwabaningi indaba kaNkulunkulu ibukeka injengomuntu nje okhona engekho ngoba kuba wukuletha nje lowomthandazo ngalesosikhathi ufuna ukusho okuthile kuye kumbe ucela emva kwalokho sekudlule njalo akusekho okunye okukuxhumanisa naye .
Kuwe kunjani sihlobo sami ?
Inkinga ngukuthi simazi uNkulunkulu ,noma ngabe ungubani ,ngukuthi awukwazi ukuhlala naye .Awukwazi ukuhlala nje naye keniphunge naye inkomishi yetiye nizixoxela ,ndlelanye okwazi ukukukwenza ngomngani wakho ojwayelekile .
Akekho oseke wabona uBaba ,manje pho uzoxhumana kanjani naye ? Uzokukukholwa kanjani kwakhona lokho akushoyo na ?
NgokukaJohane 1:18 Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Kuyini ingempela lokho uNkulunkulu akushoyo la ,ngomunye wabafundi bakhe uJohane ? Yebo kusobala nje ,ukhomba ukuyiqonda inkinga yethu . Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Futhi yingakho uNkulunkulu ethumela uJesu ukuba abe yinyama –lokhu ebesikugubha kanye kulezinsuku ezimbalwa ezedlule ngoKhisimusi –lo Jesu ,ombonile uNkulunkulu ,onguNkulunkulu ,oseduze nenhliziyo kaBaba ukuze [?] … ambonakalise kithi .
Uyafuna ukwazi ukuthi uNkulunkulu unjani ,ukuthi ucabanga kanjani ,ukuthi uphendula kanjani ,ukuthi yini emenza adinwe ,ukuthi ungamandla kangakanani ,ukuthi unezibele nothando kangakanani ? Vese ubheke kuJesu onguye nezingqotho ….
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.