UNkulunkulu Wobuhlungu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 53:3,5 Yayideleliwe ,yashiwa ngabantu ,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga into yalutho.Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu ,isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
Uma mina nawe sizithola sisekuhluphekeni ,ikakhulukazi uyabona lakhona kusuke kungadalwanga yithi ,kuye kuzwakale kungenabulungiswa ,siye sizithole sibuza uNkulunkulu ukuthi : “Kungani evumele lokhu kwenzeke? Yini eyenza avumele kuqhubeke kunjena kodwa?
Inhlupheko ibukeka iyinto evese iphikise ubukhona bukaNkulunkulu onamandla nonothando.Phela kuthiwa ubegcwele loluthando nalamandla ubezokumisa konke lokhukuhlupheka ….ikakhulukazi lengxenye yokuhlupheka engenabulungiswa esingenacala ngokwenzeka kwayo ,cabanga nje izingane ezinomdlavuza nabesifazane abenziwa izigqila…ubengeke akumisa lokho pho ?
Anginazo zonke izimpendulo ,kodwa okunginika inselelo ngukuthi uJesu weza kulomhlaba ,yebo ukuzosikhombisa ukuthi uNkulunkulu unjani ,kodwa ingqikithi enkulu kwabe kungukuzohlupheka kanzima ,ukuthatha isijeziso sesono sami nesakho emahlombe akhe .ukuze sithethelelwe ,sibe nesipho semahhala sokuphila okuphakade.
U-Isaya wakuphrofetha lokho kanye eminyakeni eminingi eyadlula:
Isaya 53:3,5 Yayideleliwe ,yashiwa ngabantu ,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga into yalutho.Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu ,isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula nangemivimbo yayo siphilisiwe thina .
Ngisho bekungathiwa besingafisa kangakanani ,kodwa nje bona ubuhlungu buyingxenye yempilo .Angazi impela kungani uNkulunkulu wadala umhlaba obuye ube nobuhlungu phakathi .Kodwa engikwaziyo ngukuthi Yena luqobo akayena umuntu ongabazi ubuhlungu .
UJesu washawa ,walinyazwa ,wabethelwa esiphambanweni ,lakhona woma kancane kancane ngezinhlungu ezinzima .
Sihlobo sami uNkulunkulu engimaziyo ,nguNkulunkulu ozwa ubuhlungu ahlupheke kunye nathi. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje …