Uphenduka Kanjani
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izenzo 3:19,20 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo
Ngakho kulezinsuku ezimbalwa besilokhu sikhuluma ngobumqoka besihloko esingokuphunyuka emandleni esono ezimpilweni zethu ,ukuze sonke sibe yilokho uNkulunkulu owasenza ukuba sibe yikhona .Kodwa umbuzo omile ngothi ,pho kanjani ?
Yebo inkulumo ayenele yodwa .Yebo uJesu wafa esiphambanweni ukuze sithethelelwe nokuba amandla esono ezimpilweni zethu anqotshwe.Yebo ,wavuka ukuze ,sihambe ebusheni bempilo .Kuhle lokho ,pho empeleni sikuphila kanjani lokho na? Siphenduka kanjani ingempela ebese siphila sikhululekile esonweni ?
Izenzo 3:19,20Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono
zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo
Ukuphednuka ngukuguquka ,futhi soze zesulwa izono kuze kube ngukuthi sesiguqukile .Ake silucabange loluhambo .Uguquka kanjani ujike ? Yebo,okokuqala njengendodana yolahleko udinga ukubuyela ezingqondweni zakho futhi bese uyavuma ukuthi lempilo yesono ayisebenzi .Lokho okuchaza ukugwinya impakamo yakho bese uyavuma ukuthi wonile .
Okulandelayo,udinga ukuphendukela kuNkulunkulu umcela uxolo nentethelelo yaKhe . Umcela ukuba athululelele njalo njalo uMoya waKhe kuwe ngamandla .
Kodwa kunelinye futhi igxathi elibucayi elilandela leli – ukungabuyeli emumva .Ukuqhubeka ungami ekuphendukeni kwakho .Ukubambisana noNkulunkulu ,ubambane isandla noMoya Ongcwele ,ukuze umcabango wakho ubuyise konke okwagovuza ukuholeleka esonweni kuwe ;ukusungula izindlela zoku-responder ezintsha uma udosi selufuna ukuvuka enyameni ,usungule imikhuba emisha ozoyenza ibe yizinqubokuphila zakho ezintsha .
UNkulunkulu usimemela ekubambisaneni okunamandla okuletha isibusiso esinamndla .
Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono
zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..