... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uphiwe Okuningi Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:7 Ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu.

Listen to the radio broadcast of

Uphiwe Okuningi Kakhulu


Download audio file

Abanye abantu bayakuthanda ukumukela izipho  –bakheke kanjalo .Wulimi lwabo lwansuku zonke lolo  behlale bethi sengatho nje ngingathola isipho ,befuna ukumukela isipho sokunakwa sokuthandwa .Abanye abamandla kulokho .Kuwe kunjani .Ngakube ungumuntu wezipho noma cha ?  

Uma uthanda izipho kuhle lokho .Alukho olubi ngalokho .Mina  anginandaba  noma  ngizomukela yini esinye isipho sosuku lokuzalwa kumbe sikaKhisimusi  konke okuphila kwami emhlabeni .Akuyona into yami leyo ,asifani emhlabeni .

Kodwa nakuba ngakheke kanjalo ,kwake kwanesikhathi empilweni yami lakhona  ngangilahlekelwe yikho konke –ngingenalutho ,kumantwayintwayi  konke .Kukulesosikhathi kanye engamukela isipho esikhethekile nesikhulu kunazozonke .Isipho esaguqula  impilo yami jikelele .UPhawuli umphostoli ubhalela ibandla laseKhorinte  mumva le  kwi 1st century AD :

1 KwabaseKhorinte  1:7 Ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu.

Uqonde ukuthini uma ethi ‘nasinye isiphiwo’? Yebo  ,phela sinakho konke lokhu esikudingayo ,konke okusemqoka empilweni .Inhlakanipho ,amagalelo athile ,umusa kaNkulunkulu ,uthando lwakhe ,njengokuba sisakholwa kuJesu ….sonke isiphiwo .

Ngisho nalowo ngokokukala kwasemhlabeni ongenalutho ….uma ekholwa kuJesu ,unakho  unaso sonke isipho .

Ake sihlale kancane   kesisisibuke lesisithembiso ,loluqobo .Sonke isiphiwo .Yilokho kanye onakho ,uma ukholwa kuJesu .Yilokho okulinde wena ,uma ufuna ukukholwa kuJesu .

Sonke isiphiwo .Yiqiniso  likaNkulunkulu .Yisethembiso sakhe leso .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.