Usengawunqoba Umjaho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 17:27,28 Obamba amazwi akhe unokwazi ;onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo .Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo .
Ngicabanga ukuthi mina nawe asibona abantu abagijima ukwedlula bonke layindlini.Kodwa ikhona into engasibeka ekuqaleni .Ungathanda ukwazi ukuthi yini ?
Omunye umngani wami u- Peter Sewell, wangicobelela lendaba : “Ngesikhathi ngineminyaka engu 5 ngangigijima esikoleni . Zonke izingane zazifika zime phambi kwentambo ,ngangiqhamuka kugcina .Ngangiza ngemumva kodwa ngifike ngiyishaye ngale intambo qede ngidle ubhedu .Ngangihlale ngingumlaleli omuhle futhi ngilandele imiyalelo .”
Awukuthandi lokho na ? Inkinga ngukuthi iningi lethu alinjalo .Mangase nje ngiwayinde iwashi ngibuyele ebuncaneni nami qede ngiziphe lezizeluleko ezifanayo ,bengizothi kimi : Sbonelo ,hlala phansi ,uvale umlomo ulalelisise
Nami ngiyafana nabaningi ngiyathanda ukusebenzisa isikhathi ngikhuluma esikhundleni sokulalela .Ngakho uma ungavuma ,ngivumele ngikunike nalu ucwezu lwenhlakanipho ekhethekile eyigolide namhlanje :
Izaga 17:27,28 Obamba amazwi akhe unokwazi ;onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo .Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo .
Kukangaki sikwenza ukuvese siqale sivule umlomo esikhundleni sokulalela ? Lapha uNkulunkulu akushoyo ngukuthi nkathinye sehlisa ukukhuluma sivula izindlebe ukuzwa okushiwo ngabanye abantu ,sibuka izinto ngamehlo abo –sizoba ngabahlakaniphile kangcono .
Iningi lethu lifuna uNkulunkulu aguqule izimpilo zethu ;bambalwa kithi abamlalelayo .Kungenzeka ungabi yilengane egijima ukwedlula ezinye .Kodwa lalela ngoba kusenokwenzeka uwunqobe umjaho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.