Yazi Lokhu !
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 1:19-20 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela
Kunini la osakhumbula khona wavese washo into kumuntu ungayicabanganga sanhlobo ? Into eyenza umonakalo kuye.Into othi mawuyicabanga ufise sengathi ,ungabuyisa lawomagama owawasho?
Sonke sinamakhona ethu ,akunjalo? Into eshiwo ngomunye umuntu evese isikhiphe emoyeni .Okuvese sifune ukubabhubela ,singacabanganga ngendlela.
Eminyakeni eminingi lento isibe wubuthaka kimi obukhulu ,obube yisiphethu sokulimaza ezobudlelwane eziningi empilweni yami .Iqiniso ngukuthi njengamaqubu enkukhu ngeke sisawabuyisa amagama esiwashilo .Uma sesiwakhiphile ngeke asabuyela esifubeni .Kodwa uthola khona kunjalo kuwuhlobo lwephutha esiqhubeka silenza njalo sibuyela kulo .Manje ke sithini ,sithandaze kuphela ,yikho okuyimpendulo?
EkaJakobe 1:19-20 Niyakwazi lokho,
bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela
Uma sizoguqula injikela yokuphindaphinda ukuziphatha okungekuhle ,ngakho sidinga ukuguqula umuzwa osheshayo ngesikhathi sithintwa ikhona .Khona kanye la uJakobe ,umfowabo kaJesu usinika amagxathu amathathu asobala .
Elokuqala ,elizwakala lingejwayelekile , sheshani ukuzwa.Mlalele omunye umuntu .Usuka kuphi ngenkulumo yakhe? Kungani besho lokhu abakushoyo kumbe benze lokhu abakwenzayo? Okwesibili ,phuza ukukhuluma . Uyabona mawuke wabamba lenqubo ,ukwazi ukuhlukanisa indlela abacabanga ngayo ,wetshise kahle inhloso yabo bese kuyila ukhuluma .Okokugcina ,uphuze ukuthukela. Ubeke phansi kakhulu umoya .Kahle hle ,sengifunde ukukwazi ukwehlisa ezintweni ,kwenza ukuthi ukudinwa kungakwazi ukunyuka ngamandla .
Ekuphetheni kwakho konke ,kunini lakhona ukudinwa kwakho kwamenza wangcono kwayikho lowomuntu owawumdinelwe ?
… ngokuba ukuthukuthela komuntu akulethi ukulunga kukaNkulunkulu.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..