... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakube Uyasha Uyahhohloka ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo ,aqinise amathambo

Listen to the radio broadcast of

Ngakube Uyasha Uyahhohloka ?


Download audio file

Kuyadabukisa ukubona imbali enhle isishwabana ikwi pot plant ,ishwabane qede yome ihhohloke ngenxa nje yokuthi kunomuntu okhohlwe ukuyichelela .Kuphathana kabi kakhulu ngokwedlulele ukubona umuntu ompilo yakhe ibukeka njengaleyombali ehhohlokayo.

Kukhona okumele ngikuvume la .Sekuke kube nezikhathi lakhona nezami izimbali egcekeni zibukeka zoma ,qede ziqale ukuhhohloka  ngenxa yokukhohlweka  ukuzichelela .Zishawe yilanga ,nenhlabathi iqale yome bese ziqale ukufa .

Futhi ngiyazi namuhla kunabantu  abathi lesosithombe sichaza ngqo impilo yami .Kunezikhathi ohambweni lwethu noJesu okuye kubukeke sengathi uthe ukudonsa izinyawo kithi qede sazizwela sihamba sodwa.

Mhlampe makungase kwenzeke nawe uzithole usuhamba kuleyondlela ,nginezwi enginalo ukukucobelela lona namhlanje.

Isethembiso esiqhamuka kuNkulunkulu ,ongathembela kuso ….ngoba sikhona kanye kuleyondawo ufuna mina nawe ,sifunde ukuthemba izwi laKhe .Umethembe Yena .Usululingele ? Nanti :

Isaya  58:11 UJehova uyakukuhola njalo asuthise  umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo ,aqinise amathambo akho,uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi.

Sihlobo sami  ungaliqaphela leligama elithi“njalo” ?  Amanye amatoliko athi “ ngokungamiyo”  -ngamanye amazwi ,ngokunganqamukiyo,ngokungalokothi akuyekelele,ngokungakulahli nakanye . “Ngeke ngikushiye ,ngeke ngikuyekele” kungamagama aliqiniso ngokulinganayo ngamhla uJesu ewasho ngomlomo .

Manje pho uwathola kanjani lawomanzi okuphila ? Uwathola kuphi lawomandla amathambo akho? Sondel’eduze  kuJesu. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..