... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yini Esegameni ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 43:1 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe ,nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”

Listen to the radio broadcast of

Yini Esegameni ?


Download audio file

Ngakube uyafana nami ukhohlwe yigama lomuntu emva nje kwemizuzu emibili uhlangene naye ? Kunzima ,angithi ? Kodwa manje inkinga igama lalowomuntu lisemqoka ngokungakholakali kuye .Ngakho ungathi yikho noma akuyikho ,ukuhluleka ukukhumbula amagama abantu  kubatshela ukuthi asinandaba  kangakanani ngabo .

Ukuqinisa leliphuzu lami ,uzizwa kanjani uma umuntu ekhohlwa yigama lakho ?  Kuye kusule noma yiyiphi imfudumalo bebeyikhombise ekuqaleni nisabonana .Futhi kwehlisa isasasa lokusungula ubudlelwane nabo .

UNkulunkulu unguNkulunkulu odale wonke umhlaba  .Wazi konke ,unamandla onke ,unothando lonke .Usezindaweni zonke .Kodwa khona kunjalo kakhohlwa nelilodwa igama lomuntu  .

Isaya  43:1 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe  ,nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”

Umbize kanjani uJakobe ?  Ngikubizile ngegama lakho ungowami.

Mina nawe asizona nje izinombolo kuye  ,wena ubengu -4465970 mina ngingu 4465971. Phezu kokuba adala umhlaba wonke ,phezu kokuba ewubambe ngezandla zakhe umzuzu nomzuzu ,phezu kokuba enezinto eziningi ezisesandleni sakhe eziqhubekayo njengamanje –nongeke wasondela ngisho eduze ekukucabangeni konke akuphethe ,angithi ?!

Phezu kwakho konke kukuningi kangako kodwa uyakwazi  ngegama  lakho .Akalokothi alikhohlwe igama lakho .Ukubiza ngalo ngqo .

Kuthini lokho kuwe ,khona la ,khona manje  ,ngokokuthi unonakekelo olungakanani loNkulunkulu analo ngawe?

“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.