... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yini UNkulunkulu Angeke Ayibusise

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 59:1,2 Bheka isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi ,nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa .Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu nezono zenu zibusithile ubuso baKhe kini ukuba angezwa .

Listen to the radio broadcast of

Yini UNkulunkulu Angeke Ayibusise


Download audio file

Kunezikhathi lakhona uNkulunkulu ezwakala  eqhele ngamamayela ekude le .Lowo ngumuzwa okwenza ungazinzi kahle .Ngisho kungathiwa awumthandi uNkulunkulu ,uma ungakafiki lapho ,unokwazi ukuthi kunento eshodayo .

Mhlawumbe namhlanje ubuthanda ngikhulume ngezibusiso zikaNkulunkulu ,ikusasa elimangalisayo akuhlelele lona ,izinto  ezinhle afuna ukuziphonsa phezu kwempilo yakho .Futhi ngesikhathi zonke lezozinto ziliqiniso ,namhlanje akuwona omunye waleyomiyalezo .

Ngoba impande eyimbangela yalokho kuqhela kuNkulunkulu ,ngukuthi sinqume ukuzihambela indlela yethu.

Yebo nebala iZwi lakhe liyasho ukuthi lokho kubi  futhi lokho akukhona ukumhlonipha uNkulunkulu ….kodwa lokho kwabe kuyizinkulungwane zeminyaka eyadlula .

Izinto seziguqukile .Sengazi kangcono .Ngizokukhipha lokho ebhayibhelini lami  qede ngiziyele kwamathanda nhliziyo .

Ngakho kancane kancane ziqale ziphume izinto esandleni ,impilo ikuthele ngenxaphanxapha yodaka   ekhanda  qede azwakale uNkulunkulu eqhele ngamalengiso .Nakhu  okuyikho okuqhubekayo :

Isaya 59:1,2 Bheka isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi ,nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa .Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu  nezono zenu zibusithile ubuso baKhe kini ukuba angezwa .

Umongo :UNkulunkulu akakubusisi okuphambana nokuphikwa  yizwi lakhe .

Ngoba uyakuthanda ,ngeke avese enganaki nje  akududulele eklasini elilandelayo ,kumbe abusise isono sakho noma angasishayi ndiva .Kodwa ngoJesu uzokuthethelela  uma kuphela  uguquka kulesosono qede ubuyele kuye .Futhi ngokuphazima kweso useduze nawe ngaphezu kwenhliziyo yakho ,ngoba …..

Bheka isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi ,nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa

 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.