Akuyona Indlela Elula
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Genesise 3:16,17 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho
Ngingakubuza ukuthi umndeni wakho unjani? Bujule baqina kangakanani ubudlelwane bomndeni wakho ? Ngoba asibhekane neqiniso lokuthi kulesikhathi sobuchwepheshe obusheshayo ,lakhona i-technology isihlezi izithonto ezithendeni ekuphileni kwethu ,lokho kwenza umndeni ungabi yisakhiwo esilula .
Usuke ucabange mawuzindla uthi “ hhayi ngeke kumele engabe kunendlela yokuthi kube lula kunalokhu engibhekene nakho!”? Kodwa uthole ukuthi ngasizathu thizeni umndeni wakho unezingxaki eminye imindeni engenazo .
Ngamaholidi sike sahlangana nenye i-couple ebukeka isibe semshadweni kamtoti yonke leminyaka yayo ,isithathe nomhlalaphansi ,bazihlalele onqenqemeni edolobheni la kushaya khona ihele lomoya elimnandi …babukeka bechachambile nasebusweni ,konke okwabo kubukeka kukuhle ungabala ungaqedi .
Okuthi kodwa mase usondela eduze uhlala nabo phansi ,bubuhle buchachambile bunjalo ubuso babo uthola ukuthi kunezingane zabo esezikhulile ezibaqhumisa amakhanda ,lokho kanye kukwenza ubone ukuthi awukho umuzi ongashunqi ntuthu yakhona .Futhi kunesizathu salokho :
Genesise 3:16,17Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”
Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho
Siphila emhlabeni owele esonweni .Umhlaba ogcwele izingcindezi zokuphila .Umhlaba ongenabo abantu aba perfect .Ngakho sihlobo sami yazi lokhu ,akuwona nje umndeni wakho kuphela.Yonke imindeni inezinkinga zayo ,yonke imindeni inemzabalazo yayo . Kodwa khumbula lokhu ,uNkulunkulu uyawuthanda umndeni ,uyawuthanda umndeni ngaphezu kokuba amagama abengachaza .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.