... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Icebo LikaNkulunkulu Elihle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Genesise 2:24 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

Listen to the radio broadcast of

Icebo LikaNkulunkulu Elihle


Download audio file

Imvamisa asiyinaki imindeni yethu .Iningi lethu sikhulele emndenini.Abanye bethu sebeyiqalile imindeni yabo.Kodwa othola ukuthi lento ebizwa ngokuthi  ‘umndeni’ ivese ingabi yilokhu ebesikulindele ,akubi njalo?

Umndeni omuhle yilakhona ubaba nomama bethandana bethokozile ,kumele babe yi-combo engehlukaniseki, ethiwe chatha ngezingane ezibuso bugcwele ukumoyizela zihambisana nabo kamnandi.Yiwona mqondo womndeni sonke esisuke sinawo emakhanda ethu ,kuba njalo nje.Kodwa ukwenzeka kwezinto kukhomba ukuthi emindenini eminingi akubi njengokucabanga kwethu ,kuhluke ngamalengiso . 

Ngakho abantu abaningi ,abancane nabadala baneminjunju ngenxa yohlobo lobudlelwane olusemindenini yabo noma yakubo ,okungenani asithi futhi la bungekho sanhlobo kwabona lobobudlelwane .UNkulunkulu owadala uluntu ,owesilisa nowesifazane ukuze sibe ngumndeni . 

Genesise 2:24 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

Yebo akubona bonke abantu abagcina beshadile ….futhi siyokhuluma ngolunye usuku ngodaba lokuba single . Kodwa iningi liyashada kodwa othola ukuthi kuba lula kabi ukukhohlwa icebo elihle likaNkulunkulu.Ukuthi indoda ishiya uyise nonina qede inamathele kunkosikazi wayo .Laba ababili babe muntu munye ,ngokomoya ,ngokwemizwa yenhliziyo nangokwenyama.Lendoda na lowesifazane ,abantu ababili abahlukene ,baphenduka babe munye .Yilapho kanye okuyizisekelo zomndeni .Yicebo likaNkulunkulu leli elihle kakhulu  

Ababili bephenduka babe muntu munye .

Ngakho uma kungukuthi ungumkhwenyana noma unkosikazi ngingakubuza ukuthi ngakube nowakwakho nibabili noma nimunye ? Phendula ngokwethembeka ..ngoba phela uma nibabili kuchaza ukuthi umndeni wenu uyaklayeka .

UNkulunkulu uyawuthanda umndeni wakho ,ngikholwa ngukuthi noma ngabe ukusiphi isimo njengamanje kodwa Yena ufuna ukuthulula uthando lwaKhe kuwo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.