... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

IVangeli Lokungqubuzana ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 12:27 Isidenge asiyosi inyamazane yaso,kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo .

Listen to the radio broadcast of

IVangeli Lokungqubuzana ?


Download audio file

Kunezikhathi lakhona lelivangeli likaJesu lingezwakali liyizindaba ezinhle  sanhlobo .Emva kwakho konke Yena luqobo wathembisa ukuthi ukuba ngumfundi waKhe kuyokuba ngumsebenzi onzima .Pho kuyizindaba ezinhle kanjani lezo ?  

Kwesinye isikhathi uzozithola ubhekene nesilingo ezinhlozini zamehlo ngokwezinga eliphezulu abangakholwa bona abangabhekani nalo .Kunalokho bayokukhaphela .Bese umyalelo kaJesu wokubathanda ndlelanye esizithanda ngayo …yeka ubuhlungu lokho okuyibo .

Izolo sibone uNkulunkulu ebhekana nezono zethu ngokuzibeka emahlombe kaJesu ,ukuze kuthi ngokukholwa nguye ,sinikwa ilungelo lokuma kahle kuye ngenxa yomusa .

2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu .

Isipho esikhulu esinemivuzo yengunaphakade .Futhi nokho uJesu wathembisa ukuthi ukuba ngumfundi wakhe kwakuzoba nzima .

Futhi phezu kwalokho sivele sinokuzazela kahle ukuthi ukuze uphile kulempilo ufanelwe ngukusebenza kanzima .

Izaga  12:27 Isidenge asiyosi inyamazane yaso,kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo .

Isipho somusa kwesinye isandla ,kwesinye futhi ukusebenza kanzima .Kungani lokhu kungabi lungqubuzano ? Kukodwa kuphela engingakutshela khona .

Uma sewungena kuloluhambo ,i-slate sakho sasulwa sibe msulwa  nakanjani uzobhekana nezivivinyo ezinzima endleleni .

Kodwa kuzo kanye ndlela thize uJesu uyakuguqula ube ngumuntu omusha ,lowo ahlale ekuqondile zikhathi zonke ukuthi ube nguye kanye.

Kubukeka sengathi lolungqubuzano yilo kanye olungumshado ongenakuhlukaniswa wohambo lwethu oluya ezulwini .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.