... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Nala Usumdala Khona …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 92:12-15 Olungileyo uyakhula njengesundu ,uyahluma njengomsedari eLebhanoni .Batshaliwe endlini kaJehova ,bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu .Nasebudaleni bayakuthela izithelo ,bahlume babe luhlaza ,ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile ;uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi .

Enye  yezinto ezibuhlungu kulesikhathi ngukubona amadoda amadala nabesifazane abadala abanesipiliyoni nenhlakanipho yokwenza izinto bephonsa ithawula bephelelwa ngamandla .

Ngiqondeni ngokuphonsa ithawula empilweni ?  Ngiqonde ukuthi bayama ukunakekela ukuletha inkonzo kwabanye abantu .Bayama ukunikela ngamathalenta abo ,isikhathi nemidlandla yabo [okusuke kulesikhathi sebenakho ngokuchichimayo ] ukubusisa abanye abantu ,Yebo ngiyavuma  kuyimvelo ukufika esigabeni lakhona uthatha umhlalaphansi emsebenzini okuholelayo .Kulungile lokho .

Kodwa imvamisa kulesosigaba abantu banquma ukuthi  … Impilo isingami kuphela manje .Ngizokwenza engikuthandayo .Ngizothola izinto ezimnandi ukuchitha isikhathi sami . Ngakho bayaqala kancane kancane bazicabange bona kuphela ,bagcine bemosha ulwazi lwabo olunothile ,isipiliyoni sempilo kunye nenhlakanipho enqala nejulile abanayo .

Kodwa akumele kube njalo ngoba ngesikhathi uzicabanga wena kuphela kusikhathi sinye impilo igcina ingasenayo i-meaning inesithukuthezi.Ngakho nanti icebo likaNkulunkulu uma kungenzeka nawe ubuzibuza uziphendula .:

Ihubo  92:12-15 Olungileyo uyakhula njengesundu ,uyahluma njengomsedari eLebhanoni .Batshaliwe endlini kaJehova ,bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu .Nasebudaleni bayakuthela izithelo ,bahlume  babe luhlaza ,ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile ;uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi .

Yebo nebala ,ngesikhathi sikhula imizimba yethu ilokhu isitshela iskhumbuza kuze kube kufika lakhona ethi sengiyaphela la .Kodwa labo abangabeNkosi bamelwe ukuqhubeka bengami ukukhiqiza izithelo …ncimishi njengezihlahla ezincane ezisagcwele impilo .Umsebenzi wabo ngukukhombisa wonke umuntu ngempilo abaziphethe ngayo ukuthi iNkosi yinhle .

Ungapheli mandla empilweni .Qhubeka uthele izithelo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.