... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INgcazo Kanye Yobuzenzisi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 4:19-21 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

Asikwamukele ,ukuthanda abanye abantu kungaba nzima .Abahlali abantu besiphatha ngendlela esingafisa ukuphathwa ngayo .Abahlali beziphethe ngendlela  esifuna baziphathe ngayo .Futhi lokho kancane kancane kuyakuncunza .

Yebo nakanjani bazoba khona abantu abaletha intokozo enkulu empilweni yakho .Bese kuba nalabo othi mawucabanga ngobuso babo ,okuqubuka imizwa  engemnandi ngabo ,njengokuthi balimaza inhliziyo yakho ,baqubula ukudinwa  nobuhlungu .

Mhlawumbe benza okubi kuwe .Mhlawumbe bakukhuba ndlelana thize  .Mhlawumbe banemiqondo enhlanhlathayo ongavumelani nhlobo nayo .Ngakho ngokwemvelo yobuntu okuzenzakalelayo ngukuthi uqinise inhliziyo yakho kubo ngokwendlela  yokuzivikela kubo .

Inkinga ngukuthi ngesikhathi inhliziyo yakho iqina iyaqala iqubuke inzondo ngokwentuthu enganakucimeka .Yilapho kanye iZwi likaNkulunkulu kulokho liyikhambi elinamandla elelaphayo:

EkaJohane  4:19-21 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.  Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

    Ake ukucabange lokho .Uchazo olucacile lomzenzisi nguMkhrestu owehla enyuka ephethe izibhalo kodwa inhliziyo yakhe  inqwabelene inzondo .

    Vumela iZwi likaNkulunkulu likukhulule namhlanje .Vumela uMoya oNgcwele athambise inhliziyo yakho ,ayelaphe ,akukhulule enzondweni.

    Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala

    Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.