Amafutha KaMoya
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Joweli 2:28,29 Kuyakuthi ngasemumva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama ,amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha ,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono . Naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ,ngiyakuthulula uMoya wami.
Sewake washiswa yilanga ? Ngiyakhumbula ngiseyingane kade ngihamba kulo ngingazi kwabumqoka bokuzivikela kulona ,langishisa ngayilahle ngalowomzuzu isikhumba sase sifuthani .Ngiyakhumbula uMah engirubber ngamafutha esikhunjeni ukuze kwehle inhlungu .Lawomafutha nebala aba likhambi elilusizo olukhulu.
Ngakho,kulezinsuku ezimbalwa besilokhu silandela u-Israel esikhathini lakhona okwathi ngenxa yesono sakhe ,uNkulunkulu wabavakashela ngenhlupheko yesikhonyane samaqhwagi nendlala eyaba namandla kakhulu ezweni labo .Kwakubi kakhulu impela .Kodwa izinhloso zikaNkulunkulu kukho konke ukuhlupheka kwethu ngezikhathi zonke –yebo ngezikhathi zonke zisuke zingukusihlenga!
Ngakho ,ngomphrofethi uJoweli wakhuluma ngezikhathi ezinhle ezizayo ,hleze abantu baKhe babuyele kuYe .
Joweli 2:26,27 Niyakudla nokudla nisuthe ,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade . Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka Israel nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ,akakho omunye ,abantu bami abayikujabha kuze kube phakade .
Kodwa hhayi lokho kuphela –cha hhayi lokho kodwa . Ngoba kwabe kunanesibusiso esikhulu uNkulunkulu ayesihlelele abantu baKhe ….nanamhlanje uNkulunkulu usenecebo elihle ngabantu baKhe
Joweli 2:28,29 Kuyakuthi ngasemumva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama ,amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha ,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono .
Naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ,ngiyakuthulula uMoya wami.
Shlobo sami ngilalele kahle ! Uma sikhetha ukuphenduka ezonweni zethu ,uma ngokushisekela sibuyela kuNkulunkulu ,uyothulula uMoya waKhe kithi njengekhambi elelaphayo – uyowuthulula ngisho kwabaphansi nabancane bethu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.