... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okusindisa Umphefumulo Wakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okusindisa Umphefumulo Wakho


Download audio file

Masizoba neqiniso ekutheni ezinye zezinto uNkulunkulu asuke efuna ukuzikhuluma zibekeka eceleni kude le futhi zibukeka ziphoxana uma  zibukwa ngokomqondo nomuzwa  walelizwe .Ngakho uma uhlangana nenye yezindima ebhayibhelini eyilolohlobo lokukhuluma kukaNkulunkulu ,ubhekana kanjani nalo? 

Mangase nje kuthiwe uNkulunkulu ubengasivumela sizihambele ngendlela yokukitazeka kwethu ,sizilandelele okumnandi kithi ngokwezintshisekelo zethu ,bese kuthi nje ngalezokhathi esidinga ngazo usizo lwakhe simcele athi gqi azosisiza kancane .Uma sizokhuluma iqiniso ,yiyona ndlela leyo okuvamisa ukuba sicabange ngayo .Mhlawumbe asicabangi  size sikuphimisele ngomlomo lokho ,kodwa kusezinhliziyweni ngaphakathi.Ebese uvese uzithele endimeni enjengalena : 

EkaJakobe  1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Akasitotosi ngamagama ,ukhuluma aqonde ngqo lana.Enye yezindlela ongayifunda ngayo ngethi  amanyala okuziphatha nobubi obuyinsakavukela . 

Sonke sinalo lelifu elimnyama elincane lesono ,elizithe shuthe kithi ngaphakathi .Futhi okuthi  izikhathi ngezikhathi uma sifakeke engcindezini ,kuvese kuvuke ikhanda lalo ebelifihlakele ,qede sisale sizibuze ukuthi ekaze  ,sekuqhamukaphi lokhu manje ? 

Mhlawumbe uzithola  kulokhu kwenzeka amahlandla ephindelana  lokhu ,okuze kube sengathi awunamandla okukulawula .Kunamandla lokho ! UNkulunkulu ungitshela ukuthi mangisuse yonke insila nobubi obuvamileyo ,kodwa manje umbuzo kanjani? Kuyezwakala , hle hle  ikanjani liqhamuka kwingxenye yesibili yalelivesi : namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Kuba noguquko olunamandla ,oluguqula impilo ingaphinde ifane nakuqala ngesikhathi simukela iZwi likaNkulunkulu ngenhliziyo evulekile nethobileyo.Uyakuzwa lokho ? Okusindisa  imiphefumulo yethu.Kuyasikhulula .Kusibuyisela emfuziselweni kaNkulunkulu esabe sidalwe ngawo . 

Yebo nebala lezondima ezinzima ezinganambitheki kahle eziBhalweni ,zifakwe nguNkulunkulu  ukusindisa umphefumulo wakho .Zamukele ngentobeko nobumnene. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy