Amandla Omkhuleko
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 15:7 Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini,niyakucela enikuthandayo nikwenzelwe.
Enye yezinkinga ezinkulu esibhekana nayo emthandazweni yilena: yikuphi okumele ukucele kuNkulunkulu? Noma yini kumbe kukhona ongeke wakufaka kuwo? Kanti,ingempela mawuthandaza yikuphi ongakucela kuNkulunkulu?
Izinto eziningi uJesu azisho zathusa abaningi futhi abanye bazizwa zibakhubekisa.Ekugcineni yilokho okwaholela ekubethelweni kwaKhe.
Futhi okunye kwalokho okwabe kwehluke ngokudlulele ,kahle hle kubaholi bezenkolo besikhathi akusho :
NgokukaJohane 15:7 Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini,niyakucela enikuthandayo nikwenzelwe.
Lokho okwavulela uza luzile ! Cela noma yini oyifisayo,futhi uyokwenzelwa khona?
Noma yini?! Wayengasenza kanjani ingempela isethembiso esinjalo? Kodwa kusobala ngoba kumele uqale ufunde uhlobo lomuntu onelungelo lokuthandaza ngalendlela, yilo athe ngaye : Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini
Leligama elithi “ nihlala” liyigama eliqinile ngokujulile .Lichaza ukuqhubeka ube khona ,uhlale ungasuki,uphikelele,ume uqinile,ungalokothi uhambe.Ngakho uma sifunda lesisethembiso esidephile ,esinikana amandla konalelilungelo elizinhlambili –sikuKhrestu neZwi laKhe likithi –kulapho kanye esikwazi ukubona kucace ukuthi kunini lakhona uhlobo lwesithembiso olunjena lungenziwa.
Ngoba uma uJesu eba yiNkosi yempilo yakho [futhi yilokho kanye ngqo ukufezeka kwalamaxhama okuxhumana kwizinhlazombili,ukuhlala okungenakunqanyulwa] kulapho kanye lakhona ukulangazelela kwenhliziyo yakho kuyaguqulwa ngokuphelele. Usuke usukwazi ukuhlukanisa kahle ukuthi yikuphi okumele ukucele,ngezindebe zakho nangenhliziyo yakho bese uyakwazi ukulisho ligcwale ukuthi uKhrestu uyiNkosi yami…ngoba intando yakho sewuyigobisele kuYe.
Uhleli kuYe? Ngakube ngeqiniso lempela iZwi laKhe lihleli kuwe ? Uma kunjalo cela noma yikuphi okufisayo ,kuyoba sekwenziwa kuwe ngokwentando yaKhe.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..