Awu Bandla Ngizidabukela Mina
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 14:20,21 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
Kungaba ngokuthi ukuphi nempilo njengamanje ,lokhu kusengezwakala kuhlaba,nokho ngizokusho ngoba kuliqiniso.Ngesikhathi sinethezeka kwezomnotho ,kusikhathi sinye lakhona siqala sicabanga ngathi kuphela,esikhundleni sokucabanga nezidingo zabanye abantu.
Izikhathi nezikhathi silokhu siba nokuzizwela sizincesezele thina.Mhlawumbe izinto azihambi kahle,kumbe uzizwe uphansi.kumbe kusengathi wenzelwe phansi…bese uzwakala uthi ;ewu yeka mina bandla’.Lokhu kuyenzeka kithi sonke. Uzakwethu uye athi isikhathi lakhona abona inhlupheko yempela ngokokuqala yisendaweni ethile ezweni lase -India .Lababantu baphila ebuphofini obungachazeki ,ngangokuthi zivese zehle izinyembezi mawubabona.Uthi uzakwethu yilelo langa afunda ngalo ukuthi buyini ‘ubuphofu’ ngoba sonke lesikhathi wayengazi buyini ingempela.
Angizazi izimo zezimali zakho,angikwazi okwenzekayo empilweni yakho njengamanje ,angiyazi inhlupheko oqondene nayo njengamanje .Kodwa engikwaziyo ngukuthi uJesu impilo yakhe eningi wayisebenzisa ephila nabampofu.Kahle hle uNkulunkulu unentena unesihe esikhulu ngabampofu ,kusuka ekuqaleni kweZwi laKhe kuze kube sekugcineni ,lokho kucacile.
Izaga 14:20,21 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
Yebo ,kwesinye isikhathi nebala siyazidabukela ,kodwa uthole ukuthi cishe sonke ngamunye singanendlela thizeni engenza kube khona esimnike ucwezu lwesinkwa naye ahlafune ,ongenakho.Sonke ngamunye singaba nayo indlela yokwenza umpheme emindenini thizeni engenamandla ngisho okuthenga isipikili lesi .
Sonke ngamunye singathola indlela yokuletha induduzo nesihe kumuntu thizeni oswele nosidingayo ;umuntu ozwa ubuhlungu bempilo njengamanje
Yiba nomusa nezibele kwabampofu ,uzobusiswa.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..