Boleka Ngokungenambuyiselo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
Kulezinsuku nesikhathi esiphila kuso ,okulindelekile ngukuthi mawufaka utshalomali nakanjani uzovuna izindodla .Phela yikhona kanye lokho okwenza umjikelezo womnotho ulokhu uqhubekile ungami .Uma ngikuboleka imali usuyongibuyisela ngokwesamba semboleko kunye nenzalo yaso.Inqubo isho njalo nje .
Futhi uma kuziwa kwezomnotho ,cha leyonqubo ayiyona inkinga .Kodwa sithini mase kuziwa ngezimpilo zethu ngamunye ? Uma unika umuntu utho ake sithi umnika isandla emsebenzini ukumnika isupport kumbe ukumsiza noma ngontoni na .Yikuphi okulindele sekuyimbuyiselo kuwe ?
Kuhlale kunento esiyilindele ,ngoba empilweni uma sinika utho silindele lubuye nenkonyane kithina .Jesu ake ungene nalomcabango woguquko olunamandla olunqoba indlela yokucabanga kwethu:
NgokukaLukha 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
Ngokokungathi ukuthanda izitha zakho nokwenza okuhle kuzo akukuhle ngokwanele , uJesu uyadlula angene ekubeni uyakusola akwehlise ukulindela kwethu inkonyane masithumele inkomazi – lokho kungumgogodla endabeni yezimali kunye nangokuphila kwethu luqobo .
Bolekisa ngokungabheke nzuzo –azimnandi ke lezi ndaba .Kodwa ezimnandi zona zithini? Uma nikwenza lokhu –nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke
Yeka ubuhle okuba yibona uma senza i-investment empilweni yomunye umuntu sikwenze sithule , singalindele lutho oluzobuya kubona , esigcina sithola ukuthi uNkulunkulu unesibusiso esikhulu esisilindile eduze nje nomnyango masiphuma ?
Uma nikwenza lokhu niyakuba nomvuzo wenu uyakuba mkhulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje