... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Guqa ENkosini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 2:10,11 Ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

Dukuduku uNkulunkulu uvamisa ukukhuluma nathi ngesimo esithile ebesingasibhekile .Kungaba yinto encane kakhulu ,kodwa kuyo kanye iphimbo lakhe liphuma ngokunamandla .Leyonto kanye esanda nakwenzeka kimina mumva nje .

Ngike ngaya ohambweni okuthe uma ngehla ebhanoyini nganika umshayeli wemoto eqashwayo i-adress okungeyiyo eyalelihhotela engiya kulo ,ngenhlanhla bafike kuleli hhotela bangihlalise phansi bangilindise ngesineke besabheka qede basho ukuthi cha alikho igama lami  layikhaya base beba nesihe bangihlelela enye imoto ezongiyisa ehhotela obekufanele ngiye kulo .

Okuthe uma umshayeli engithatha lensizwa esencane  yangehlisa izitebhisi ezihambayo qede yayongibeka phansi  (kulendawo ebengikuyo angizwa ngisho uhlamvu olulodwa lolimi olukhulunywa khona ) wafike walayisha izikhwama zami ngemumva emotweni ngokusizwa nguzakwabo  .Kodwa nakhu okungihlabile : ngesikhathi siphuma ngemoto ,wagoba lo obemlayishisa  eku pavement ,wakwenza ngendlela okwaletha izinyembezi emehlweni ami.

Cabanga  phela ngenzelwe umusa la bengingelona ngisho ikhasimende elikhokhile .Futhi ngeke aphinde angibone .Ngazizwa ngimkweleta ngendlela engachazeki ,nokho wangihlonipha ngaloluhlobo .Futhi kulesosikhathi kanye ngazibuza ukuthi …ngakube yisithombe sempilo yami leso noma cha ? Ngakube yilokho yini uNkulunkulu akubonayo mayebuka impilo yami  noma cha ?  

KwabaseFiliphi  2:10,11 Ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,  nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

Impilo eguqile kuJesu yimpilo ekumemezelayo ekuphilayo ukuthi ngeqiniso uyiNkosi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.