Imicabango Emibi Imosha Izimpilo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFiliphi 4:8,9 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Kunezikhathi ezimpilweni zethu lakhona imicabango emnyama ivukuza ingaphakathi lethu , lakhona inkolelo yokuthi impilo ibolile futhi ayisakuphinde ilunge ,kusuke sekusengamile lokho .
Lokho kuzwakala kungumfaniselo ,kodwa kuliqiniso angithi ? Kube nezikhathi lakhona empilweni yami neyakho ,ukungabaza nokungabi nathemba kusihlasela njengefu elimnyama kusithi mbo .Lombhalo ongaziwa umbhali wawo uyichaza kangcono lendaba :
Ubumuncu benhliziyo buyinkolelo yokuthi uNkulunkulu waphunduleka . Ukukhathazeka yinkolelo yokuthi uNkulunkulou ngeke akwazi ukukulungisa . Ukuzisola uphonse ithawula kuyinkolelo yokuthi ngeke asakwazi uNkulunkulu ukuqala indaba yami ayibumbe kahle ibe yinhle ,umuzwa wokuthi sengohlala nginje . Ukuziswa uyisisulu ngumuzwa wokuthi ngeke ngikwazi ukugubha ngithokoze ngempilo ngikhona khona kanye la ngikhona kuze kube ngukuthi ngiyasuka ngiya kwenye impilo entsha .
Mhlawumbe kungenzeka lezinhlamvu zenkulumo ezinye zazo zinkeneza iqiniso kuwe namhlanje shlobo sami . Manje pho ithini impendulo.Kubhala umphostoli uPhawuli esotweni lwejele elimnyama ,athi :
KwabaseFiliphi 4:8,9Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke
okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Esisebenzisa isikhathi sethu sicabanga ngakho ,hle hle kusolawulweni lwethu . Singetha ngisho sisembhedeni wokufa omnyama ,izinto ezingukuthula ,ezihloniphekayo ,ezineqholo elihle ,ezithandekayo .Ebese khona sibe namandla okwenza ngokwalezozinto esizicabangayo .
Futhi uma sikwenza lokho ,nasi isethembiso – uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..