Imizwa ,Izintshisekelo Nemizwa Yenhliziyo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 40:7,8 Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani .Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ,kepha iZwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade .
Imibono yabanye abantu ikakhulukazi uma ishiwo ngokunamandla (okuvamisa ukuba ibe njalo kulezinsuku ) ibukeka sengathi ivala ngci iqiniso leZwi likaNkulunkulu ,okungagcina kusezingeni lokuthi ukholo loMkhrestu ongakaqini lungabonakala lwehla esikalini.
Enye ingxenye enkulu eyisizathu salokho ,ngukuziphathi kabi okudla amagalane ,umhobholo novucu oluningi oluba senhliziyweni [ngivumele ngikusho kunjengoba kuyilokhu okuyikho]…izono ,sezezinziwe zayimpilo ejwayelekile kulesikhathi esiphila kuso ; zapendwa kahle zabukeka ,angithi phela uSathane uzenza ingelosi yokukhanya kanti uthi lala lulaza ngizokwengula .
Lokho sekube nomthelela omkhulu kumaKhrestu olungakaqini ukhakhayi kuwo.Ngake ngafunda lokhu lusuku lumbe ,angazi ukuthi ngubani owakubhala lokhu ,kodwa ngeshwa ngilokhu ngiqhubeka ngikuthola kuliqiniso :
“Sisesigabeni lakhona kubuKhrestu abantu abanandaba noma ungakugcizelela ngeBhayibheli okushowo.Imizwa yabo,izintshisekelo nemizwa yenhliziyo kunyathela iziBhalo akunandaba nezikushoyo.Abamlandeli uKhrestu balandela uMina .
Ngakho ngingakubuza ukuthi kuwe kungokwezinga elingakanani kuwe ukwenziwa kwesono sibe yimpilo eyejwayelekile emphakathini ,osekwenze washenxa eqinisweni naseZwini likaNkulunkulu ? Ngoba …
Isaya 40:7,8 Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani .Utshani buyabuna ,imbali iyavuthuluka ,kepha iZwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade .
Shlobo sami ,yazi lokhu iBhayibheli alisebenzi njenge facebook lakhona o-like beyinto esemqoka ukuzikala umthelela wamandla akho . Izwi likaNkulunkulu liliqiniso kungakhathalekile ukuthi ukuxega kwezimilo nenkambo nezindlela zokuziphatha sekwedlulele kangakanani ,futhi akukhathalekile siyavumelana nalo noma qha .
Ngiyazi ukuthi lokho akukho lula ,akukho ntofontofo futhi akuvelele.Kodwa xwaya .USathane uza embathise okwengelosi yokukhanya . Ungakhohloseki .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.